EzakamuvaIbhola

Ayikho into esalindwe uMolefi Ntseki, kusho inkakha yeChiefs

ALFRED NGUBANE

Inkakha yeKaizer Chiefs, uNtokozo “Koloba” Sikhakhane ukholwa ukuthi uMolefi Ntseki kumele ashiye manje kuleli qembu ngoba uzodala omunye umlando omubi kakhulu.

UNtseki uphinde waphuma esegadwe amaphoyisa – okwesithathu kule sizini – ngemuva kokubhuquziswa AmaZulu FC. 

Usuthu luwashise iChiefs ijezi kwiCarling Knockout Cup, luyishaya ngo 1-0 wegoli elingene umdlalo usuyophela eFNB Stadium ngoMqgibelo kusihlwa. 

“Kumele avele aziphonsele yena ithawula lingakapheli leli sonto elizoqala,” kusho uKoloba, ongowaKwaMashu ngokuzalwa. 

“Uma engasuli uzothi ulindeni, ulinde bani ngempela ngoba umsebenzi usumehlulile futhi lokho kucacele wonke umuntu. 

“Usehluliwe ezindebeni ezimbili, kanti ikuphi yena azokwenza ngoba ngeke asinuke isicoco seligi? 

“UNtseki isimehlulile iKaizer Chiefs, kuyabonakala, kucacele nengane encane ukuthi ingaphezulu kwakhe,” kuchaza uSikhakhane. 

USikhakhane ukhale ngezinqumo zikaNtseki nendlela aqoka ngayo abadlali abaqala imidlalo athi yikho okumqhathe nenduku yoSuthu. 

“Ubashiye kanjani abadlali anqoba ngabo AmaZulu emdlalweni weDStv Premiership, oPule Mmodi no-Edson Castillo? 

“Uma ngabe kudlula lapha leli qembu lizobangwa nezibi, kuphinde kudale ulaka lwabalandeli  nokuyinto engezoba yinhle ebholeni ngeKaizer Chiefs. 

“Kumanje isanda kuhlawuliswa ngenxa yokujikijela enkundleni eMbombela Stadium lapho abalandeli babefuna ukuthi uMolefi Ntseki abone indlela afika ngayo. 

“Abalandeli ngeke besaphinde bamethembe manje ngoba bakholwa ukuthi umsebenzi uyamehlula, futhi nje kucacile lokho.” 

Ingcindezi izoqina nakubaphathi beqembu ukuthi bamkhulule uNtseki, bathole omuunye umqeqeshi ozofika namacebo angcono, nozothenjwa abalandeli. 

IChiefs isanda kuqasha uCavin Johnson ongumqeqeshi onamava ukuba azophatha izinkulisa zeqembu. 

FUNDA NALA: Kutshekile kuNtseki iChiefs ibhonywa AmaZulu kwiCarling Cup

Yize yena enamava kunoNtseki, kodwa njengamanje unaye engazithola engathenjwa abalandeli uma kugcina kuqashwe yena.