‘Udle eyokuza’ umgadli obelindelwe kuMaZulu
ALFRED NGUBANE
AmaZulu FC, acishe azithola eqhosha ngokuthi agqabule igolide eNiger ethola umgadli kanti atshethe iguncu, ngokusho kwemenja yaleli qembu, uMotuba Mokoena.
Le menenja ithe ayikaze iphoxeke kanje ngomuntu kade imthembile. Lo mdlali bekulindeleke afike Osuthwini ezinyangeni ezimbili ezidlule.
Phambilini AmaZulu atshela Impempe ukuthi uVictorien Adebayor akakwazi ukufika kuleli ngenxa yezidubedube nezimpi eziseNiger.
Kodwa manje sekuvele ukuthi akunjalo, inkinga isekutheni lo mdlali wabe ukuthola imali yokuza nje, wavele wayibhubhudla.
Kuvela ukuthi lo mgadli ‘unguJabu Pule’ njengoba ezithandela izinkamba zikaFaro nempilo yobumnandi.
Bekuzoba yinkinga ke ukufika komdlali onjalo kuMaZulu kwazise ngesizini edlule adedele oGabadinho Mhango noDumisani Zuma ngoba besolwa ngokungaziphathi kahle.
UMokoena uthe sebevele bayishiya phansi indaba yakhe futhi ngeke esafika kuleli qembu lo mgadli yize bese bembheke ngabomvu.
Le menenja iphinde yaveza ukuthi ngeke basayine omunye umgadli njengamanje kodwa bazoqhubeka nalaba abavele bakhona eqenjini.
AmaZulu abophele oDion Junior, Bongi Ntuli, Augustine Kwem noVictor Letsaolo phambili.
Leli qembu laseThekwini linomdlalo oyinselelo enkulu kulo ngoLwesibili kusihlwa njengoba lizobhekana ne-Orlando Pirates.
EzikaPablo Martin nokho zinyukelwe ukuzethemba kulandela ukuwashisa kwazo iKaizer Chiefs ijezi kwiCarling Knockout Cup ngempelasonto.
NePirates ihambela phezuliu njengoba isanda kunqoba iMTN8 kanti nakwiCarling Knockout idlulele emzuliswaneni olandelayo kalula.
Umqeqeshi wayo, uJose Riveiro usethembise ukuthi bafuna ukugxila emidlalweni yeligi, baqoqe amaphuzu ngoba yisona sicoco esikhulu nesibaluleke kunazo zonke.
FUNDA NALA: Ziyakhanya izindlela zeBucs kwiCarling Knockout kodwa…
Kuzodonsa amehlo ke ukubona amaqhunga alaba baqeqeshi njengoba bobabili bedabuka eSpain futhi bebonakala begxilisa ingxela yakhona yokudlala emaqenjini abo.