EzakamuvaIngosi

UMBONO: Yimbi ke kodwa lento eyenziwa yi-PSL…

By Sihle Ngubo

I-PSL kusamele ibize umhlangano omkhulu lapho kuzolumana indlebe khona osihlalo bamaqembu agijima kwiDStv Premiership, nalawo ayibamba kwiMotsepe Foundation Championship.

Kulo mhlangano kusamele kudingidwe indaba yamaqembu adliwa yizembe kwiPremiership nasuka kwiMotsepe Championship anyukele kwiligi enkulu ekupheleni kwesizini. 

Ngikubona kuwukudlala ngamaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship ukuthi afike ajuluke isizini yonke bese aphinde enziwe ukuthi adlale imidlalo yokuhlunga neliqeda kunombolo 15 kwiPremiership. 

Okumele kwenzeke nje ukuthi amaqembu aqeda endaweni ka-15 neka-16 kwiPremiership adliwe yizembe, bese kuthi lawo aqeda endaweni yokuqala neyesibili kwiMotsepe Foundation Championship anyukele kwiligi enkulu yakuleli.

Sikuphi ngempela isidingo sokunika iqembu eliqeda kunombolo 15 kwiPremiership ithuba lokubuyela kule ligi ekubeni lisuke linikiwe ithuba isizini yonke? 

Le nto yokudlala imidlalo yokuhlunga ichitha isikhathi, imoshe imali iphinde ishiye abadlali bedidekile. 

Phela basuke bengazi ukuthi bazobe bedlala kuyiphi iligi njengoba kusuke kusadlala le midlalo yokuhlunga edonsa amasonto isizini seyivalile.

Kuyimanje iCape Town Spurs igejeke kancane ukuthi ibe ngompetha beMotsepe Foundation Championship, njengoba iqede endaweni yesibili.

Lento ye-PSL igqilaza amaqembu eNFD

Kodwa okunzima kakhulu ukuthi leli qembu kumele lidlale imidlalo yokuhlunga manje, ukuze lizame ukunyukela lapho kunoju khona. 

Elinye elizoyibamba kweyokuhlunga yiCasric United eqede endaweni yesithathu kwilogi yeChampionship.

UShaun Bartlett nezakhe iCape Town Spurs, kubafanele ukuyodlala kwiPremiership uma kubhekwa indlela abebelwa ngayo isizini yonke. 

Leli qembu lihlukaniswe amagoli kuphela nePolokwane City ebe ngompetha, nokuchaza ukuthi isizoyibamba kwiligi enkulu yaseNingizimu Afrika ngesizini ezayo.

Okubi kakhulu ngemidlalo yokuhlunga ukuthi isimo sihlale sivuna iqembu eliqeda kunombolo 15 kwiPremiership, ukuthi kube yilona eligcina lidle umhlanganiso. 

Kwagcina ngo-2017 ukuthi iqembu elivela kwiMotsepe Foundation Championship liqede imidlalo emine yokuhlunga kuyilona eliphezulu.

Imidlalo yokuhlunga yenza kube nzima kakhulu emaqenjini asuke edlala kwiMotsepe Foundation Championship ukuthi alungiselele isizini elandelayo. 

FUNDA NALA: IMarumo Gallants icacisa ngamahlebezi amabi ngemihlomulo yabadlali

La maqembu amabili asuke eyibambe kweyokuhlunga asuke engazi noma kumele athenge abadlali abanamava ukungiselela inselelo entsha kwiPremiership, noma adayise labo abasuke befunwa amaqembu amakhulu azenzele imali esayibamba kwiMotsepe Championship.

I-PSL kusamele iyibukisise le ndaba ngoba inokusika nganxanye okommese. Okubuhlungu kakhulu ukuthi amaqembu eChampionship adliwa yize womabili uma eqede endaweni ka-15 neka-16, akukho ukuthi anikwa elinye ithuba. 

Kule sizini esanda kugoqwa izembe likhale kwiBlack Leopards neBaroka FC asebeyodlala kwi-ABC Motsepe League ngesizini ezayo. 

Ayibukisiswe le ndaba yemidlalo yokuhlunga, iqedwe ngokushesha uma osihlalo bamaqembu angu-32 e-PSL bevumelana.