Ziyakhanya izindlela zeBucs kwiCarling Knockout kodwa…
I-Orlando Pirates iqhathwe neRichards Bay FC esigabeni sesibili kwiCarling Knockout Cup, okuyiqembu elingabonakali lingayivimbela ekudluleleni kwesandulela owamanqamu.
Nokho ke ibhola liyajika futhi iRichards Bay ingazigila izimanga, iyiwashise ijezi iPirates esithathwa njengezinkunzi zezindebe kuleli.
Lokhu kulandela ukuthi idle izicoco ezintathu kulandelana kusukela ngesizini edlule.
NakwiCarling Knockout iPirates isisele yodwa emaqenjini amakhulu ebholeni lakuleli. IRichards Bay nayo idumaze ezinye izinkunzi zaseSoweto iMoroka Swallows ngeSonto ntambama.
AmaZulu, adumaze iKaizer Chiefs, yona iqhathwe nomkhaya bayo iGolden Arrows. iSekhukhune United yona izobhekana neTS Galaxy ewashise iMamelodi Sundowns ijezi.
IPolokwane City, ebukise ngeSuperSport United ngeSonto ntambama, izobhekana neStellenBosch FC.
IPolokwane igile izimanga ishaya iSuperSport ngo 4-1 kungazelele muntu ukuze ingene emaqenjini ayisishiyagalombili adlulela phambili.
Uma ishaya igoli lokuqala, kube ngathi iSuperSport iyavuka emaqandeni. Llei goli lishaywe u-Oswin Appolis.
Kodwa kuthe kusenjalo, yabuya futhi iCity washaya elesibili ngonyawo lulaMeshack maphangule sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.
UGavin Hunt uye ezindlini zokushintshela efa wukucasuka. Ubuye lapho wenza izinguquko ezine.
Kodwa kube nhlanga zimuka nomoya uHlayisi Chauke eyibeka ebuhleni iPolokwane, eshaya amagoli amabili esiwombeni sesibili.
UTerrence Dvzukamanja ube esethola elomthoba nhliziyo leSuperSport sekusele imizuzu emithathu kuyiwe ekhefini.
FUNDA NALA: UJali akaneme ngokuwina u-R100 000, iSwallows iwasha ijezi
Kuphele inkani kuHunt njengoba ebehlise umoya, eyivuma induku ngemuva kwalo mdlalo, ethi akukho ezakhe ezikwenze kahle kulo mdlalo.
Imidlalo: Polokwane City v Stellenbosch FC; Sekhukhune United v TS Galaxy; Richards Bay v Orlando Pirates; AmaZulu v Golden Arrows.