EzakamuvaIbhola

IChiefs ‘isililungisile iphutha’ eyalenza ngoNtseki 

Isigcine isithathile iKaizer Chiefs isinqumo ebesibhekwe ngabomvu sokuxoshwa uMolefi Ntseki obengumqeqeshi waleli qembu. 

UNtseki uqashwe ngaphambi kokuqala kwale sizini, ethatha izintambo ku-Arthur Zwane. 

Ukuqashwa kwakhe kuvele akwemukelekanga kubalandeli njengoba babebheke ukuthi kulandwe umqeqeshi onomlando. 

Abanye babalandeli babekusho kugcwale umlomo ukuthi leli qembu lenze iphutha ngokuqasha uNtseki ongenawo amava okucija iqembu lePSL. 

Ngesikhathi eqashwa, kwakukade kuvele ukuthi iChiefs ixoxisana noNasreddine Nabi waseTunisia obeqeqesha iYoung Africans  eTanzania ngaleso sikhathi. 

Ubenempumelelo enhle kwiYanga, enqoba izicoco ezimbili amasizini elandelana nokuyinto eyamenza wahalelwa amaqembu amaningi. 

Kodwa ke kwagcina kumngamlungelanga kwiChiefs, yabe seyikhuphula uNtseki obevele ekhona eqenjini ephethe ithimba labaqeqeshi. 

Izinto azizange ke zize zimvume, kwala ngisho iqembu selilande abadlali ababukeka bebahle, wehluleka ukubahlanganisa. 

“Kulandela umhlangano wangoMsombuluko ekuseni, isikhathi sikaMolefi Ntseki njengomqeqeshi weKaizer Chiefs sesiphelile ngemuva kokuvumelana kwezinhlangothi zombili,” ibhale kanje iChiefs ezinkundleni zokuxhumana. 

“Ukubheka imiphumela yakamuva ephoxayo, izinhlangothi zombili sinqume ukuthi ukwehlukana yiyona into engcono kulesi sikhathi.”

Ibe seyiveza ukuthi uCavin Johnson, osanda kufika kuleli qembu ezophatha izinkulisa, nguye ozobamba njengomqeqeshi weqembu elikhulu. 

FUNDA NALA: ‘Udle eyokuza’ umgadli obelindelwe kuMaZulu

Kuvele ke kwacaca efika nje uJohnson ukuthi izinsuku zikaNtseki sezinciphile. Kuthe uma ebuzwa uNtseki ngokufika kukaJohnson emavikini ambalwa edlule, wacasha ngesithupha.