Ibhemile kuMaduka, iRoyal AM seyicinga omunye umqeqeshi
Ikusasa likaJohn Maduka lilengela eweni njengoba sekuvele ukuthi iRoyal AM yemukela izicelo zomsebenzi kwabanye abaqeqeshi.
Izinto azihambi ngendlela abaphathi abafisa ngayo kwiRoyal AM njengoba kumanje isendaweni ka-14 kwilogi yeDStv Premiership.
Selidlale imidlalo eyisisiyagalolunye kanti lisaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili, okuyinto ebakhathazayo abaphathi.
Nangempelasonto edlule ikhishwe kabuhlungu kwiCarling Knockout Cup obekubhekwe lukhulu kuyo.
Kuvela ukuthi abaphathi bebefisa ukuwuthola lo-R6-million ohamba nendebe yalo mqhudelwano osanda kusungulwa yiPSL.
“Ukuhlulwa kanjeyana yiSuperSport (United, ngoLwesine kusihlwa) kumfake ngaphansi kwengcindezi enkulu uMaduka,” kusho umthombo.
“Ube nomhlangano nabaphathi la bembuze khona ukuthi inkinga ikephi. Angazi ke kuphelelephi kodwa khona iqembu seliqalile ukucinga omunye umqeqeshi.”
Kuvela ukuthi uClinton Larsen noRudi Krol ngabanye babaqeqeshi iRoyal AM evele inazo izicelo zabo futhi ebhekela phezu kwabo.
Kuzokhumbuleka ke nokho ukuthi izinto ziqansa kanjena nje kuleli qembu livele lihlezi phezu kwesigwebo sokungasayini abadlali.
Lokhu kungenxa yokulahlwa yicala lokunqamula inkontileka kaSamir Nurkovic ngendlela engafanele ngesizini edlule.
IFifa yayilahla ngecala iRoyal AM, qede yayiyalela ukuba ikhokhele lo mdlali imali ebalelwa ku-R12-million.
Kwathi uma yehluleka ukwenza lokho, yabe seyishaywa ngesigwebo sokungakwazi ukusayina abadlali abasha kuze kube iyayikhokha le mali.
Ngaphezu kwalokho, leli qembu lesiqumama esidumile saseThekwini, uShauwn Mkhize, libhekene nelinye icala lentela.
FUNDA NALA: Inkakha isisola kuKaizer ‘isiqalekiso’ seChiefs ngabaqeqeshi
Kungenzeka ke ligcine lidlelwe izimpahla uma ingayikhokhi imali eliyikweleta inhlangano eqoqa intela kuleli, iSars.