Akabasoli abamnqanda elwela ukuya kwiKaizer Chiefs oweStellies
By Sbongs Gumbi
Umdlali wasemuva osemncane weStellenbosch FC, u-Olwethu Makhaya useyababonga abazali nemenenja yakhe abamnqanda esefuna ukuya kwiKaizer Chiefs.
Uthi njengoba evele ekhule eyithanda iKaizer Chiefs, kwathi uma kuvela ithuba lokuya kuyo wezwa inhliziyo ibhakuza ngamandla.
Nokho lo mdlali oneminyaka engu-19 ugcine ephelele kwiStellenbosch la abengomunye wabadlali abavelele kule sizini.
Unqobe nomklomelo wokuba nguMdlali oThembisayo kwiNedbank Cup ngesikhathi kuhlonishwa abenze kahle kule sizini.
Udlale yonke imidlalo yeStellies kwiNedbank Cup kanti kwiDStv Premiership khona udlale engu-20 kwisizini yakhe yokuqala.
Ufike kuyo esuka kwinkulisa yeMarumo Gallants. Kanti ngesikhathi esuka kwiGallants wayenethuba lokuya kwiChiefs, Mamelodi Sundowns noma iStellies.
“Ngikhuluma iqiniso, mina ngangichazeke kakhulu ngokuya kwiKaizer Chiefs ngoba vele ngikhule ngingumlandeli wayo,” ucashunwe esho kanje uMakhanya ngabe-iDiski Times.
“Ekhanda lami kwakuduma iChiefs kodwa ngemuva kokukhuluma nabadala, engibathembayo, abantu abafana nemenenja yami nabazali, sabe sesenza ucwaningo.”
Kukulolu cwaningo bathola khona ukuthi ithuba lokukhula ebholeni laliliningi kwiStellies kunalawa amanye amaqembu.
“Sabona ukuthi uma ngiya kwiStellenbosch nginethuba elikhulu lokudlala eqenjini elikhulu ngoba babenyuse abadlali abahlanu besuka enkulisa neya kwelikhulu.
“Ngaleso sikhathi angicabangi ukuthi iKaizer Chiefs kukhona eyayibanyusile,” kuchaza lo mfanyana.
“Ngakho sabona ithuba lokudlala kwiPremiership lilihle uma ngiya kwiStellenbosch. Umqeqeshi uSteve (Barker) usebenza kahle nabadlali abasebancane. Yilokho okwangisa khona.”
Yize yena ayemanqika, ebona evinjwelwa ekufezeni iphupho lakhe, manje akasazisoli ngokuvuma ukuya kuleli qembu laseKapa.
FUNDA NALA: UBroos uveza akutshele uMothobi Mvala ngegoli eladla ngakubo
“Ngeke ngiqambe amanga ngithi angilwanga nabo ngizama ukunqaba. Ngangibatshela emehlweni ukuthi ngifuna ukuya kwiKaizer Chiefs mina.
“Kodwa bangitshela ukuthi nali ithuba elingcono futhi namuhla ngiyababonga ngalokho.”