Ithuba lokuphuma no-R200 000 kubalandeli kowe-Arrows neChiefs
Awucabange nje usuke ekhaya uyobuka iqembu lakho olithandayo elidlala kwiDStv Premiership, ubuye usuno-R200 000 othi wena.
Uma ungomunye wabalandeli bebhola abazohambela umdlalo weGolden Arrows neKaizer Chiefs eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, kungenzeka kuwe lokhu.
Phela oyedwa wabalandeli abazoya kulo mdlalo angase aphindele ekhaya esebomvu, eseno-R200 000.
Abalandeli bazowina ithuhba lokukhahlela iphenathi ukuze babe sethubeni lokuqina le mali nngokohlelo lwePSL neDStv olubizwa nge-AmaFanDays.
USthembiso Semenya, okhulumela iDStv, uthi ngaphezu kwaleli thuba, miningieminye imititilizo abazoyikhipha kulo mdlalo.
Uphinde waveza ukuthi lokhu kungumkhankaso wabo wokunxenxa abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo beyokweseka amaqembu abo.
“Lo mkhankaso siwenza njalo lapho sikhuthaza khona abalandeli bebhola kuleli ukuthi bangagcini ngokubuka kuphela kumabonakude babo.
“Kodwa bahambe beyobuka imidlalo ezinkundleni khona bezohlangana nabanye abalandeli,” kusho le ntokazi.
Lo mkhankaso bawuqale eKapa lapho bekhiphe khona isamba sika-R300 000 sekuhlanganiswe yonke imiklomelo.
Bawenza ngezikhathi kubhekene iCape Town Spurs neCape Town City kanti uzoqhubeka kuze kuphele isizini.
Umdlalo we-Arrows neChiefs ubhekwe ngabomvu ngezizathu ezimbili – esokuqala wukuthi iqembu lasekhaya lisefomini enhle.
I-Arrows isendaweni yesithathu kwilogi kanti iza kahle kule sizini. Esesibili, iChiefs inomqeqeshi omusha.
FUNDA NALA: Ibhemile kuMaduka, iRoyal AM seyicinga omunye umqeqeshi
Kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi uCavin Johnson uza naluphi yena unyawo kuleli qembu eseliphenduke isigubhu sezangoma sona esibhukluzwa njalo.