Okwenza uPhumlani Mkhize athiphe iPirates kwidabhi
ALFRED NGUBANE
UPhumlani Mkhize, owadlala kuzo zombili izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs usedalule iqembu alibona lizokhonya emdlaweni walezi zinkunzi ngoMgqibelo.
IChiefs izobe ingosokhaya eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama uma lamaqembu esekhiphana inkani emdlalweni weDStv Premiership.
UPhumlani Mkhize wazakhela igama kwi-African Wanderers wabe eseheha amehlo ePirates adlala kuyo iminyakana.
Ukusuka kwakhe kweZimnyama, wahlala khona eSoweto njengoba asayinwa yiChiefs, nakhona wafike wavelela.
Nokho ke izinkinga zokuhluleka ukuziphatha zagcina zimqedele umsebenzi ebholeni.
Nokho ungenye yezinkakha abalandeli balamaqembu abangeke bazilibale kalula ngenxa yento ezaziyenza uma zisenkundleni.
UPhumlani Mkhize uthi ubona kuyiPirates enamathuba angcono kakhulu kuneChiefs kulo mdlalo ozayo.
“Ngibona ukuthi i-Orlando Pirates izowunqoba lo mdlalo ngegoli elilodwa,” usho kanje ekhuluma neMpempe.
Uthe lokhu ukusho ngoba womabili lamaqembu adonsa kanzima ekushayeni amagoli, akaboni ezoba maningi.
IChiefs ibonakala ibuthaka konozinti kusukela u-Itumeleng Khune ehlelwa yifomu kanti uBrandon Petersen yena ubulawa amaphutha amabi adlisa iqembu.
Uma ebuzwa uMkhize ukuthi ubani unozinti abona kufanele aqaliswe lo mdlalo kwiChiefs, uphakamise uKhune.
“Mina ngingaqala ngoKhune ngoba unesipiliyoni salo mdlalo womkhaya.
“Lo mdlalo awumndingi umfana owumnqolo, ufuna onesibindi nozokwazi ukumelana nengcindezi.”
Lo mdlalo ubhekwe izinkumbi zabalandeli bebhola emhlabeni wonke yize lamaqembu engekho ezingeni elifanele ngokubheka imidlalo yakamuva.
Nokho azobe enakho ukuzethemba okuncane njengoba womabili enqobile emidlalweni yawo phakathi neviki.
Emidlalweni yeligi emihlanu edlule yalamaqembu, iChiefs iyinqobe yonke kanti izobe ibheke ukukuqhuba lokho.
FUNDA NALA: Usubacikile kwiBafana umacashelana odlalwa uNjabulo Blom
IPirates nayo izobe ibheke ukuwuqeda lo mbuso womakhelwane bayo.