EzakamuvaiDStv Premiership

Ibuyele emuva iChiefs, kodwa uJohnson akathukile

Alubonakalanga ushintsho olufike noCavin Johnson kwiKaizer Chiefs njengoba kungathi ibuyele emuva esimweni uMolefi Ntseki abesezamile ukusigwema. 

IChiefs iphinde yaziqhatha yona nenduku ngesikhathi ihlulwa yiGolden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama. 

Amagoli e-Arrows womabili aqhamuke ngemuva kwamaphutha amabi eChiefs, kodwa uJohnson uzwakale engakhathazekile. 

“Kumele sidlale ngendlela yeKaizer Chiefs, imiphumela izovela. Akukho okulindelekile ngaphandle kokuthi ngilungise iqembu,” usho kanje ngemuva komdlalo.

Ubebuzwe ukuthi ngabe yini abaphathi abayilindele kuye njengoba enikwe umsebenzi wokucija leli qembu ekuqaleni kwaleli viki kulandela ukuxoshwa kukaNtseki.  

“Ngicabanga ukuthi sinabadlali abahle abangakwazi ukuncintisana namanye amaqembu,” kuchaza uJohnson. 

“Kodwa ke yiqembu, njengamanye amaningi, uma ubhekene nesimo eyinselelo. Kumele uqine ngokomqondo ukuphuma kulesi simo. 

“Yilapho la sikhona njengamanje.” Njengokulindelekile, uJohnson ubancomile abadlali bakhe, wathu bazamile. 

“Kumele ngincome abafana, badlale kahle uma ubheka isimo ebesidlala ngaphansi kwaso. Isimo senkundla. 

“Beyimanzi, kodw ake ngicabanga ukuthi siwatholile amathuuba amahle esiwombeni sokuqala futhi bekumele siwasebenzise. 

“Silisebenzisile elilodwa ngemuva kokuthi sesilandela ngemuva,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo. 

Ukhale nangamaphutha njengoba ethi neegoli lesibili baphisane ngebhola kalula nokho yizinto athi uzozilungisa lezo. 

I-Arrows ilishaye kuqala igoli kulo mdlalo, uKnox Mutizwa eqedela umsebenzi ngemuva kokuphiwa ihhewa uPetersen. 

Lo nozinti uzame ukudlala ibhola lisuka emuva kuye, kodwa lagcina liphelele kuMutizwa engasamakwe muntu, walinamathisela enethini. 

Kodwa kuthe kusaphele imizuzu emibili, uSifiso Hlanti walithola elokulinganisa leChiefs, yize ebebukeka esendaweni engamfanele. 

FUNDA NALA: Izinguquko kwiChiefs uJohnson eveza isandla sakhe

UMutizwa ubiyile esiwombeni sesibili, wavalela phakathi igoli lesibili elinike i-Arrows amaphuzu agcwele. 

Nakhona ibhola belilahle uMduduzi Shabalala obezama ukujika, bamphuca ibhola base beyoshaya igoli.