EzakamuvaIbhola

Ibuya neboza iKaizer Chiefs uma iyotheza ngaphandle muva nje

Sbongs Gumbi

Ukusayinwa kukaEdson Castillo okuvela ukuthi kwenziwe iKaizer Chiefs njengoba ilungiselela isizini entsha kushiya imibuzo ngabathungatha ikhono kuleli qembu. 

Abadlali bangaphandle abasayinwe yiChiefs kule minyaka emihlanu noma eyisithupha edlule bafike bahluleka bancama ukwenza umehluko. 

Abahlulekanga kwiChiefs nje kuphela. Abanye badlulela kwamanye amaqembu kodwa nakhona kwafike kwacaca ukuthi ayikho lento yabo. 

Imibiko ethi iKaizer Chiefs seyisayine u-Edson Castillo, odabuka eVenezuela ivele ngoLwesibili kanti kube sekuvela nomlando nezibalo zakhe. 

Okuvelayo ke ngomlando nezibalo zakhe akujabulisi neze njengoba engavamile ukuhlala eqenjini elilodwa iminyaka emibili noma ngaphezulu. 

Akakaze futhi u-Edson Castillo adlale ngaphandle kwaseVenezuela okuzokwenza kube nzima kuye ukujwayela kuleli ikakhulukazi uma ubheka iminyaka yakhe. 

Ukukukhumbuza abambalwa nje abasayinwe yiChiefs kule minyaka edlule kodwa bafika kwacaca ukuthi ayishayanga khona, sizobheka abahlanu:

  • U-Arohasina Adrianarimanana – Lo mdlali odabuka eMadagascar watholwa yiChiefs kwiCosafa Cup ngo-2019. 

Kodwa into azokhunjulwa ngayo wusizi ashiya leli qembu likulo njengoba lahlawuliswa ngokumiswa amawindi amabili okusayina abadlali lingasayini muntu. 

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuvela kokuthi ngesikhathi iKaizer Chiefs imlanda kwiFosa Juniors ayihambisanga izinto ngendlela. 

Esuka kwiChiefs wathi qu kwiBlack Leopards la abaphathi abamtshela khona ekhaleni ukuthi akabuyele ekhaya ngoba ayikho lento yakhe.

  • ULazarus Kambole – Lo mdlali waseZambia wayeyishaya inethi ngakubo futhi wafika kukhona abakholwa wukuthi uzovusa igama likaCollins Mbesuma kwiChiefs. 

Kodwa wehlulekile ukuthola indawo eqenjini ngaphansi kwabaqeqeshi abathathu abahlukene. 

Ukhululiwe ngemuva kwamasizini amabili kanti ngemuva kwlaokho uke wathi qu eTanzania. Nakhona kubhedile, wabuyela ekhaya eZambia la kuthiwa wenza kahle khona. 

  • UGustavo Paez – Njengo-Edson Castillo, uPaez udabuka eVenezuela. Naye irekhodi lakhe lalivele lishiya imibuzo ngesikhathi esayinwa. 

Wafika ngo-2017, wadedelwa ngo-2019 ngoba sekucacile ukuthi okuhlukile angakwenzela iqembu. Wabuyela ngakubo. Kodwa ubuye wabuya eseze kwiTshakhuma kodwa nayo yabuye yamphindisela emuva. 

  • U-Anthony Akumu – Usayinwe ngo-2020 esuka kwiZesco United eZambia la ayedlala khona kahle. Wayebonakala ezogcina evale isikhala sikaWillard Katsande obesebonakala ekhulile. 

Kodwa akazange afike ezingeni ebelilindelekile, wagcina ekhonjwe indlela ngo-2022. Njengamanje ukhonjwa eChina. 

FUNDA NALA: Owayedlala kuMaZulu uMyron Shongwe uveza isifiso ngoMngqithi

  • UCaleb Bimenyimana – Lolu nkonko lwaseBurundi lufike lwathembisa ukuthi iKaizer Chiefs ithole umgadli impela. 

Kodwa ke vele wayesayinwe sekutatazelwa. Wayekade efikile ezohlolwa, wachithwa kodwa ngokungatholakali kwabanye wabuyiswa. 

Kumanje ke kuvela ukuthi ungomunye wabadlali abazokhonjwa isango eNaturena njengoba kwenziwa izinguquko. 

Into azokhunjulwa ngayo yena kwiChiefs amagoli amathathu awashaya emdlalweni owodwa. Okuhlukile ngawo wukuthi wonke kwakungamaphenathi.