UPercy Tau usongela iSundowns ‘engasafani nakudala’
Isihlabani se-Al-Ahly,uPercy Tau akakuboni kuzoba wumthelela ukuthi bashelela, bashaywa yiMamelodi Sundowns ngo 5-2 begcina ukuvakashela leli qembu.
ISundowns yabukisa nge-Al Ahly esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngesizini edlule.
Nokho i-Ahl Ahly yavuka lapho yazithintitha, yagcina isinqobile isicoco seChampions League, obese kuyihlandla lika-11.
Kulokhu leli qembu likaPercy Tau lisePitoli ukuzobhekana neSundowns emdlalweni owandulela owamanqamu kwi-Caf African Football League oseLoftus Versfeld ngeSonto ntambama.
AmaBrazilians kubhekwe wona ukuthi anqobe lo mdlalo womlenze wokuqala kwazise azidlulele ngehubo kwiPetro de Luanda emzuliswaneni wokuqala kulo mqhudelwano onemali eningi wamaqembu ayisishiyagalombili.
UPercy Tau ucabanga ukuthi sebethuthuke kakhulu selokhu la maqembu agcina ukuhlangana njengoba i-Ahly yathatha isicoco nje.
“Kunomehluko omkhulu kakhulu, ukuba ngompetha beChampions League kukhombisa ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukuvuka lizithathe,” kusho uTau.
“Into eebalulekile kulokhu futhi ehlukile kunangalesiya sikahthi wukuthi lona ngumdlalo womkhumulajezi.
“Sigcina ukudlala nabo, sasisesesigabeni samaqoqo. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi sidlulele kowamanqamu.”
Akungabazeki ke ukuthi womabili lamaqembu angakuthakasela ukuba ngelokuqala ukunqoba lo mqhudelwano.
UTau – owanqoba isicoco seligi kabili neSundowns ngaphambi kokuya phesheya – ujoyine i-Al Ahly kumasizini amabili edlule isaqeqeshwa uPitso Mosimane.
“Kumnandi ukubuya ekhaya. Sidlala neqembu eselishintshe kakhulu. Iningi labadlali engangidlala nabo alisekho,” kusho yena.
“Ngakho yiqembu elihluke kakhulu kodwa sifuna ukwenza kangcono kunangaphambilini futhi sifuna ukuya kowamanqamu.
FUNDA NALA: Ibuyele emuva iChiefs, kodwa uJohnson akathukile
“Ngilindele ukubhekana neqembu elifuna ukunqoba liye kowamanqamu, iqembu eliqinile futhi elinzima. Kodwa sililungele.”