EzakamuvaiDStv Premiership

Izinguquko kwiChiefs uJohnson eveza isandla sakhe

ALFRED NGUBANE

Isilungu sinesisho esithi umshanelo omusha ucoca kushaye umoya endlini kanti nomqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson ubonakala elandele sona.

Esetha iskimu okokuqala kusukela enikwe umsebenzi wokucija leli qembu, uJohnson ukhombise isandla sakhe eshiya ngaphandle abadlali abebeqala imidlalo kuMolefi Ntseki. 

UNtseki uxoshwe ekuqaleni kwaleli viki ngesikhathi iChiefs ihlela kabusha ithimba labaqeqeshi kuleli viki. 

Iphini lakhe lokuqala, u-Arthur Zwane yena ubuyiselwe ezinkulisa zeqembu, kwathi uDillon Sheppard wasala waba yiphini likaJohnson. 

Kubadlali abakhombe ebhentshini uJohnson kukhona unozinti u-Itumeleng Khune, uGeorge Matlou, Tebogo Potsane noJasond Gonzalez. 

Ubuyisele uBrandon Petersen epalini, wabuyisela uMduduzi Shabalala no-Edson Castillo eqenjini eliqala imidlalo. Uqalise noChristian Saile umdlalo.

UNkosingiphile Ngcobo naye ubuyele ebhentshini njengoba bese kunesikhathi engekho nje kwiChiefs ngaphansi kukaNtseki. 

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo, uJohnson uthe uyabuqonda ubukhulu balo msebenzi anikwe wona kwiChiefs. 

“Ngiza nolwazana lwami lokuqeqesha okumele ngilulumbanise nesikhumba seKaizer Chiefs,” kusho uJohnson. 

“Yini sona lesi sikhumba seKaizer Chiefs, yini le eyenze iKaizer Chiefs iphumelele kule minyaka edlule? 

“Khohlwa izindebe, noma ukungatholi izindebe, awukutshinge ngewindi lokho, mina ngikhuluma ngesiko leKaizer Chiefs

“Kulezi zinsuku ezinhlanu nginabadlai besizama ukuqonda ukuthi yini le eyenza iKaizer Chiefs ibe yiKaizer Chiefs. 

“Lokho bekuphuma kimi. Kube yiviki elihle lokuzicija… Hhayi kuphela kubadlali, kodwa kuwo wonke umuntu osondelene neKaizer Chiefs.” 

Lo mqeqeshi uthembise ukuthi abalandeli bazobona iKazier Chiefs ehlukile uma seyibhekene neGolden Arrows. 

FUNDA NALA: Imenenja iveza ukuthi uLebese wachiza kanjani efunwa eTurkey

Lo mdlalo useMpumalanga Stadium, eHammarsdale, eThekwini ngoMgqibelo ngo.3.30 ntambama.