EzakamuvaIbhola

URadebe uthi ‘is not make sure’ ngoJohnson kwiChiefs

ULucas Radebe useveze umbono wakhe ngezinguquko ezisanda kwenzeka kwiKaizer Chiefs la kuxoshwe khona uMolefi Ntseki obengumqeqeshi. 

Lo msebenzi ube sewudluliselwa kuCavin Johnson obevele esekhona ngaphakathi eqenjini ebhekelele izinkulisa zeqembu. 

Lezi zinguquko ziphoqeleke ngemuva kokuba abalandeli bephinde bazwakalisa ulaka lwabo ngoNtseki, bamjukujela, bamthuka bethi akahambe manje. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi leli qembi lihlulwe kalula AmaZulu FC emdlalweni weCarling Knockout Cup ngempelasonto edlule. 

Manje uRadebe, owake wadlala kuleli qembu ngaphambi kokuthi aye phesheya, uthi akazi noma uJohnson uzofika nalo yini uguquko olulindelwe kuye. 

“Kuyishwa, ikakhulukazi kumqeqeshi, ukuthi umsebenzi wakho ukalwa ngemiphumela,” kusho uRadebe kuleli viki. 

“Kuyiqiniso ke ukuthi imiphumela ibingavumi muva nje (ngaphansi kukaNtseki). Ngicabanga ukuthi ukuqeqesha iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs kuhambisana nezinto eziningi. 

“Akubhekwa ukuthi wena ufuna ukwakha iqembu noma udinga isikhathi esingakanani ukubeka iqembu ezingeni la lizojabulisa khona wonke umuntu.”

Yize evuma ukuthi lokhu akubona ubulungiswa, kodwa uRadebe uthi kuyinto yakhona ebholeni engaqali futhi engagcini kwiChiefs.

“Kodwa khona kunzima futhi kwenzeka yonke indawo ebholeni. Uyafunda (ekuhlulekeni), kodwa ke usuke uphoxeke kakhulu ngoba kusuke kubhekwe uzinzo eqenjini ikakhulukazi uma uletha umqeqeshi onjengaloyana. 

“Kuthatha isikhashana ukuletha lolo zinzo,” kuchaza uRadebe owayevele engayizwanga kahle eyokuqashwa kukaNtseki, ethi iChiefs idlala ngesikhathi nje. 

NangoJohnson lo onikwe umsebenzi njengebambela, uRadebe uyathimula, uthi akaboni ezokwazi ukuletha lento ebhekiwe kuye. 

“Angazi. Ukukhuluma iqiniso nje, angisazi ngampela mina. IKaizer Chiefs inegama elikhulu kakhulu,” kusho yena. 

“Kuningi okusuke kubhekiwe kuleli qembu futhi wonke umuntu uyakwazi lokho. Yiqembu elikhulu elidinga umuntu onesigqi nomoya ofanele ukulibuyisela la lifanelwe ukuba khona.” 

UJohnson, oseke wasebenza emaqenjini ehlukene okubalwa nokuba yiphini likaPisto Mosimane kwi-Al Ahly, uzoveza isandla sakhe okokuqala ngoMgqibelo. 

FUNDA NALA: ‘Isiyabhora lento,’ kusho uMaswanganyi iBucs ilahla amaphuzu

IChiefs ibhekene nomqansa onzima njengoba izogadulisana neGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale ngo-3.30 ntambama.