‘Isiyabhora lento,’ kusho uMaswanganyi iBucs ilahla amaphuzu
Kuya ngokusinda kwi-Orlando Pirates ukubuyela embangweni wesicoco seDStv Premiership njengoba iqhubeka nokulahla amaphuzu.
Iphinde yadlala ngokulingana futhi ngoLwesihlanu isekhaya e-Orlando Stadium ibhekene nePolokwane City. Umdlalo uphele ngo 1-1.
Indlela ebiwuphethe ngayo umdlalo iPirates bekumele ngabe kuyiwe ekhefini isihamba phambili okungenani ngo 3-0.
Kodwa iqhubekile nokubhacaza phambi kwepali. Ikwazile nokho ukuthola igoli elilodwa elishaywe uPatrick Maswanganyi oqokwe njengomdlali obevelele.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMaswanganyi uveze ukuthi nabo isiyabagqilaza lento yabo yokungakwazi ukungena egiyeni lokuwina kwiligi.
IPirates iba ngelinye iqembu uma lidlala imidlalo yendebe njengoba seyivele inqobe iMTN8, kanti nakwiCarling Knockout Cup isethubeni elihle.
Kodwa kwiPremiership izinto azivumi nhlobo nje ukuhlangana njengoba isasendaweni ka-12 ekuklelisweni kwamaqembu.
UMaswanganyi ushaye igoli lePirates esiwombeni sokuqala, uGiven Mashikinya walicisha ngesiwombe sesibili.
“Kuyaphoxa kakhulu lokhu, ukwakha lamathuba esiwakhile – bekumele siwashaye amagoli namuhla – kodwa asikwazanga,” kusho uMaswanganyi.
“Sibayekile baze bathola igoli lokulinganisa osekwenze sidlale ngokulingana. Aseneme ngeze ngalo mphumela wanamuhla.”
Uthe ukuthola indondo yokuthi wenze kahle kuyambbhora njengoba inhloso enkulu ngalo mdlalo – ukuqoqa amaphuzu aphelele – ayifezekanga.
“Kuyabhora (ukunikwa indondo) ikakhulukazi uma singawini siyi-Orlando Pirates. Sifuna ukunqoba imidlalo eminingi ukuze singene embangweni weligi.
“Kodwa indlela esilahla ngayo amaphuzu. Nanamuhla asiwaqoqanga amaphuzu,” kuchaza uMaswanganyi.
Nokho iPirates izoba nethuba lokuqoqa amaphuzu agcwele uma seyibhekene neqembu elidonsa kanzima iCape Town Spurs ngoLwesithathu oluzayo.
FUNDA NALA: UMokwena uchaza ekaKomphela ‘abengasamfuni’ kwiDowns
ISpurs isahlulwe kuyo yonke imidlalo esayidlalile kule sizini kubalwa noweCarling Knockout ibhekene nayo iPirates.