EzakamuvaIBafana Bafana

UHugo Broos udalula okumele athathe uma eseshiya kwiBafana

SIHLE NGUBO

Yinto eyaziwayo ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzolishiya iqembu lakuleli lesizwe ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2026, ese-USA, eMexico naseCanada.

Lo mqeqeshi waseBelgium usesebenze umsebenzi omkhulu ukushintsha izinto kwiBafana Bafana selokhu ethathe izintambo ngo-2021.

UBroos ufike kwiBafana Bafana seyikuzwa ngendaba ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) neNdebe yoMhlaba.

Nokho konke kushintshile njengoba iqembu lesizwe lidlalile kwi-AFCON nyakenye e-Ivory Coast, kanti lizophinde linikele eMorocco ngoDisemba kuwona lo mqhudelwano.

IBafana Bafana isanda kuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo, nokuyinto ebese kuphele iminyaka elinganiselwa kwengu-21 yagcina ukuyenza.

Umbuzo omkhulu njengamanje owokuthi ubani ozothatha izintambo kwiBafana Bafana uma lo mqeqeshi oneminyaka engu-73 esethi khumu.

UBroos usecacisile ukuthi yena wethemba bani ukuthi aqhubeke nokubamba izintambo eqenjini lesizwe.

“Ngicabanga ukuthi into ebalulekile yenzeke, ukuthi uHelman Mkhalele abe ngumqeqeshi ngemuva kwami, ngoba lapho usuke ulandela into efanayo,” kusho uBroos.

Ubekhuluma ngesikhathi kunomcimbi omncane wokubungaza ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba kweBafana Bafana emahhovisi eSafa.

“Uma uHelman esethatha iqembu indlela yokusebenza noyekwenza izinto izofana, bese kube ukuthi izoncika kakhulu kweyase-Afrika ngoba mina ngingowase-Europe.

“UHelman ucabanga njengami u-95% wezinto eziningi. Kumele kube yinto ezoba yinhle.”

Nokho uMadala, njengoba ebizwa kanjalo uBroos ebholeni laseNingizimu Afrika, unakho okumhluphayo okuncane ngoMkhalele oteketiswa ngoNcane.

“Inkinga nje ekhona ukuthi uHelman akanazo izitifiketi ezifanele (zokuqeqesha),” kuphetha uBroos.

UMkhalele, ogqame kakhulu edlalela i-Orlando Pirates, wayeyingxenye yeBafana Bafana ngesikhathi iqukula i-AFCON ngo-1996 eNingizimu Afrika.

Le ngwazi yayingomunye futhi wabadlali beBucs abaqopha umlando benqoba iCAF Champions League ngo-1995.

Kwakungokokuqala ngqa iqembu lebhola laseNingizimu Afrika linqoba lo mqhudelwano ohlonishwayo ezwenikazi i-Afrika.