UClement Mazibuko akafisi ingane yakhe imlandele ebholeni
Alfred Ngubane
Ngokujwayelekile, uyise uyaye afise enye yamadodana akhe alandele ezinyathelweni zakhe ngokomsebenzi, kodwa uClement Mazibuko yena akafisi kanjalo.
Izimo abhekana nazo uClement Mazibuko, owayengumdlali weMamelodi Sundowns, zimenza angafisi ukuthi izingane zakhe zilandele ezinyathelweni zakhe.
Kumanje ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke yena avumele indodana yakhe idlale ibhola. Nokho inhliziyo ingabuye ijike kuya ngokuthi iya kuliphi iqembu.
“Uma ngabe izodlala kwenye yezinkulisa zamanye amaqembu ngeke ngize ngivume,” kusho uClement Mazibuko.
“Kodwa uma ngabe izodlala kwiMamelodi Sundowns, ngingayivumela ngoba ngabe ivikelekile khona.”
Uthi yena wakhulela enkulisa yeKaizer Chiefs kodwa wagcina ethathwa nguMtata Bush Bucks ngoba amathuba okukhushulwa kuMakhosi ayemancane.
Namanje kusenzeka ke iChiefs ikhulise abadlali kodwa begcine bephumelele kwamanye amaqembu, yona igcine seyibathenga uma ibafuna.
Abakamuva nje ngoZitha Kwinika emthenge kwiStellenbosch FC ngesizini edlule ekubeni akhuliswa yiyo.
Kule sizini ilande uMduduzi Mdantsane naye owaphuma kuyo inkulisa yayo, kodwa yona yamthola seimfica kwiCape Town City imkhiphela imali.
UClement Mazibuko uthi ngendlela okwakubheda ngayo ngesikhathi esuka enkulisa yeChiefs, wagibela amatekisi esuka eGoli ebheke e-Eastern Cape. “ISundowns yona iyakwazi ukukhulisa abantwana. Uma ngabe ungabheka abadlali abakhulela kwiSundowns, bagcina ngokudlala kwiBafana Bafana.
“Uma ungakafiki ezingeni lokungena esikimini kwiMamelodi Sundowns, babolekisa ngawe kwamanye amaqembu uyothola ukudlala.
“Manje amanye amaqembu adlala ngabafana, abanye bagcina ngokuliyeka ibhola bangene ezidakamizweni.”
FUNDA NALA: Iphinde yabhampa iChiefs kade iyofuna u-Ox kwiStellies
UMazibuko wagqama kakhulu kwiMthatha Bush Bucks neMamelodi Sundowns lapho wayebhokile ngasohlangothini lwesokudla eshiya amadoda elele phansi.