EzakamuvaIbhola

IChiefs idlale kancane ngoHashim Domingo osesayine eMorocco

Njabulo Shezi

IKaizer Chiefs yanikezwa ithuba lokusayina uHashim Domingo ngemuva kokuthi ededelwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini. 

Kodwa kuvela ukuthi iChiefs yacucuza, kwaze kwaqhamuka iRaja Casablanca yaseMorocco ayangabe isabuza kabili, yamnika inkontileka. 

UHashim Domingo ngomunye wabadlali abebebukeka beza kahle kwiSundowns nokumangazile ukudedelwa kwabo kalula nje. 

Nokho ke vele kwiSundowns baningi abadlali kanti nomqeqeshi uRulani Mokwena uzihlelela ngendlela yakhe iqembu. 

Njengoba esesayine kwiRaja, kusho ukuthi uzoqhubeka adlale kwiCaf Champions League nangesizini ezayo kwazise leli qembu libukhali kulo mqhudelwano. 

Uzofica nobuso abujwayele njengoba abaqeqeshi abasha kuleli qembu kungabantu asebeke basebenza kuleli. Kusanda kuqashwa uJosef Zinnbauer njengomqeqeshi. 

Lo mqeqeshi uke wasebenza kwi-Orlando Pirates iminyaka emithathu. Iphini lakhe kwakunguFadlu Davids naye osekuyo iRaja ukuyokwenza umsebenzi ofanayo. 

Izindaba zokuthi uHashim Domingo uke wazanyelwa kwiChiefs futhi yakhombisa ukumthanda zivezwe ngabeSABC Sport ngempelasonto. 

“Kuyiqiniso, iChiefs beyimhalela impela,” kucashunwe imenenja yakhe uDomingo uLance Davids isho kanje embikweni oshicilelwe ngempelasonto. 

“Namanje sisalinde uKaizer Motaung Junior ukuthi abuyele kithi. Ngicabanga ukuthi walahlekelwa yinombolo yami. 

“Noma mhlawumbe yilento esiyizwayo yokuthi basazama umqeqeshi omusha ebabambezelile,” kuqhuba uDavids. 

Ayaqina ke vele amahlebezi okuthi iChiefs ifuna umqeqeshi ozothatha lo msebenzi ku-Arthur Zwane okuthiwa usadinga ukuqiniswa ukhakhayi.

FUNDA NALA: Usola uZwane ngokubhacaza kukaBimenyimana uValery Nahayo

Igama okuthiwa lihamba phambili ngelikaNasreddine Nabi waseTunisia obekwiYoung Africans eTanzania ngesizini edlule. 

Kuvela ukuthi bakhona nabanye leli qembu elikhuluma nabo njengoba uNabi ehudula izinyawo futhi ebeka nemibandela eminingi.