EzakamuvaIbhola

Ibisishiphelene kwiRichards Bay nomdlali emgxalile

Kufane nokuthi iRichards Bay imkhulula emaketangeni etilongo umdlali okuvela ukuthi ivele yamxosha isigubhukane. 

Izindaba zokuxoshwa kwalo mdlali azikakaqinisekiswa yiqembu, kodwa kuthiwa lo mdlali, uKatleho Maphathe akasekho kulo. 

UMaphathe ubengukaputeni kuleli qembu kusukela lisadlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Futhi ungomunye wabadlali abebenza kahle eqenjini nokuyingakho kwethusile ukuvela kokuthi iRichards Bay seyimxoshile.  

Imizamo yeMpempe yokuthola ubuqiniso balezi zindaba beyingakaphumeleli njengoba abeqembu bengatholakali. 

Nokho esesikutholile wukuthi uMaphathe uswele ukuthi akasobhinca, ngabe uvele wagiya waqephuza uma ethola ukuthi inkontileka yakhe seyinqanyuliwe. 

Abasondelene naye bathi ufake udaba olubhalwe ngenye yezinkundla zezemidlalo ngokuxoshwa kwakhe, wabe esefaka umbhalo okhomba ukuthi liphume nobomvu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-? Ubhale ukuthi ‘what a good news for me today’ ngemuva kokufaka isithombe esihambisana nalolu daba kwiWhatsApp wakhe. 

Lokhu kukuveza obala ke ukuthi beyisishiphelene phakathi kwakhe neRichards Bay okunamahlebezi okuthi idonsa kanzima kwezezimali. 

Njengoba ehlukane neRichards Bay isizini isiphakathii futhi ebebhalisiwe kuyo, usengaze abhaliswe ngoJanuwari ngelinye iqembu. 

FUNDA NALA: IChiefs iphindwe ngoswazi oluncane ngecala labalandeli

Impempe izoqhubeka nokuqhwanda olunye ulwazi ngalolu daba, futhi uma kuba khona okusha okuvelayo sizokubhala.