EzakamuvaIkhilikithi

Phakama Bavuma namaProteas, ayibuye ekhaya iNdebe yoMhlaba

Ngiyanxusa ukuthi seseke uTemba Bavuma namaProteas njengoba beyibambe kwiNdebe yoMhlaba yekhilithi.’

Lesi yisicelo sikaSiyamthanda Kolisi, osanda kuqukula iNdebe yoMhlaba ka-2023 yebhola lombhoxo namaBhokobhoko. 

UKolisi, ongukaputeni wamaBhokobhoko, ubekhuluma esikhumulweni sezindiza e-O.R Tambo ngemuva kokuthi iqembu lakuleli litheleke nendebe, iWebb Ellis.

“Ngiyacela neseke amaProteas njengoba nenzile kithina. Nabo abamaProteas bebeseseka kakhulu besithumelela nemiyalezo,” kusho uKolisi.

“Cabanga nje uneqembu lesizwe lebhola lombhoxo eliwine iNdebe yoMhlaba, bese elekhilikithi nalo liwine iNdebe yoMhlaba. 

“Temba  namaProteas siyaneseka ngakho konke. Buyani nayo indebe ize ekhaya.”

Ukwesekwa okunikwe amaBhokobhoko bekukukhulu kakhulu kuleli. 

INingizimu Afrika ibukeke ibumbene kungekho ukuthi ibhola lombhoxo umdlalo wabathize.

AmaProteas enza kahle njengoba esedlale imidlalo eyisithupha, ashaywa kowodwa kuphela.

Ahlezi endaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu ayishumi, ngemuva kwe-India enamaphuzu angu-12 eqhulwini.

EzikaBavuma zizobhekana neNew Zealand emdlalweni wazo wesikhombisa ngoLwesithathu ngo-10 ekuseni. 

Ngemuva kwalo mdlalo zizosalelwa imidlalo emithathu nokukhona kuwona ezizowudlala nosokhaya i-India. 

FUNDA NALA: IChiefs iphume inqina ebheke eDRC yokufuna unozinti

Amaqembu amane azoqeda phezulu azodlulela kweyandulela owamanqamu.