IChiefs iphume inqina ebheke eDRC yokufuna unozinti
ALFRED NGUBANE
IKaizer Chiefs isiwuqalile umkhankaso wokuthola unozinti ezoqinisa ngaye kulo mkhakha eqenjini njengoba kubonakala kushoda kakhulu.
Selokhu u-Itumeleng Khune ehlelwa yifomu, leli qembu liyahluleka ukuthola unozinti ozongena ezicathulweni zakhe.
Seyibazame baningi kusukela koVirgil Vries kodwa lutho ukuthola ofanele. Oke wacishe wabonakala engcono nguDaniel Akpeyi.
Nokho leli qembu lamchitha lo nozinti waseNigeria, azangavezwa izizathu zalokho. Manje usevimba kwiMoroka Swallows la enza khona umsebenzi omuhle.
Impempe seyithole ukuthi iChiefs seyikhiphe inqina ebheke eDemocratic Republic of Congo la iyozingela khona unozinti weMotema Pembe.
Ngokusho komthombo wethu, iChiefs incinzwe indlebe ngu-Eshele Botende ngonozinti obamba ngisho impukane.
UBotende wake wavimba kwiChiefs ezikhathini zakudala futhi wayengacosni phansi kubalandeli ngoba wayewenza ngendlela encomekayo lo msebenzi wakhe.
“Seziqalile izingxoxo neMotema Pembe ngalo nozinti osemncane kodwa uBotende athi angaba yisixazululo kwiChiefs.
“Abaphathi bamfuna ekhaya leziMpofana, eNaturena ngoJanuwari uma sekuvulwa iwindi lokusayina abadlali.
“Iqembu lixakekile ngonozinti njengoba bevuza bonke manje, akekho ongcono, kuyesinda kakhulu,” kusho umthombo.
UBrandon Petersen, okunguyena oqala imidlalo kule sizini, unethunzi elibi lokudlisa iChiefs ngokwenza amaphutha amabi akhomba ubudedengu nokunganaki.
Nangempelasonto edlule lo nozinti ushiye izikhulu zicikekile ephinda iphutha aselenze kaningi lokuohisana ngebhola kungenasidingo.
Amaphutha akhe aqale ukugqama emdlalweni weDStv Premiership bedlala neMamelodi Sundowns. Wawaphinda futhi nakoweMTN8 bebhekene nayo iSundowns.
FUNDA NALA: Kubuyele umgadli nonozinti bePirates kwiBafana
Umqeqeshi obambile kwiChiefs, uCavin Johnson umvikelile lo nozinti ngephutah alenze emdlalweni we-Arrows ngempelasonto.