Kukhona okusina kujeqeza uSipho Mbule kwiSundowns
USipho Mbule ngomunye wabadlali umqeqeshi weMamelodi Sundonws uRulani Mokwena abathatha njengabasezingeni eliphezulu kodwa lo mdlali yena uyaphoxa.
Kuvela ukuthi njengoba iSundowns seyihlome iyizingovolo nje esiswini, uSipho Mbule engazithola eselizwa ngendaba ngampela ijezi, kugcine kuphelile ngaye.
ISundowns yinhle esiswini njengoba kukhona uMarcelo Allende, Neo Maema, Lucas Ribeiro kanti sekubuye noGaston Sirino.
Bonke laba ngabadlali uSipho Mbule abanga nabo indawo eqenjini, kanti kuthiwa bayazimisela ngesikhathi yena ezivilaphela nje.
Ngokusho kombiko wePhakaaathi, uMbule, okumanje ulimele, akakhombisi ukuzinikela emsebenzini wakhe futhi uthatha izinto kancane.
Lokhu kuthiwa kubambezela inqubekela phambili yakhe, kuyambambezela ekutheni abe ngomunye wabadlali basesiswini abahamba phambili kuleli.
Lo mdlali owake wagijima kwiSuperSport United, akakhombisanga ukufuna ukulwlea ukuhlale edlala ngesikhathi enikwa ithuba ngaphambi kokuthi alimale.
Kuveka ukuthi ithimba labaqeqeshi kwiSundowns, eliholwa ngumqeqeshi uRulani Mokwena, likhathazekile ngokuziphatha kukaMbule.
Bambona engumdlali ongagcina eyinto enkulu eqenjini esikhathini esizayo. Kodwa indlela aziphatha ngayo yenza kungabazeke ukuthi uzofika ezingeni abhekwe kulo.
“Angazi noma uSipho Mbule usezibona eyinto enkulu noma kwenzakalani,” ucashunwe usho kanje umthombo kulo mbiko.
“Kodwa akafuni ukulalela omunye umuntu. Akungabazeki ukuthi unethalente kodwa indlela aziphatha ngayo ayiyinhle.
“Futhi kungenzeka agcine engafikanga ezingeni lokuba ngumdlali ophambili okufanele agcine enguye.
“Kokunye uvele adembesele nje, akhombise ukungabi namdlandla ejimini, akakulweli ukuthi abe sezingeni elifanele ukuze aqaliswe imidlalo,” kwengeza lo mthombo.
FUNDA NALA: Phakama Bavuma namaProteas, ayibuye ekhaya iNdebe yoMhlaba
Kuthiwa uma eseluleme, uMbule kuzomele asebenze ngokuphindiwe ukuphinde abuyele eqenjini eliqala imidlalo.