UMartin waMaZulu ubabaza uhubhu lukabhejane kuMammila
Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, usephendule uzakwabo weChippa United, uMorgan Mammila, ngezinsolo azenze ngemuva womdlalo wakamuva phakathi kwala maqembu.
Engxoxweni abe nayo nabethelevishini ngemuva komdlalo wabo weDStv Premiership ngempelasonto edlule, uMammila uveze ukuthi uMartin umthukile.
Nokho wanquma ukungawadaluli amagama asetshenziswe yilo mqeqeshi waseSpain ukumthuka.
UMammila wazwakalise ukuphoxeka kwakhe, wathi, “Ngivele ngiphoxeke uma omunye umqeqeshi onguzakwethu engithuka.
“Mina sengimdala ukuthi ngingathukwa ngomunye umqeqeshi kodwa leyo yindaba yelinye ilangau.
“Bengikhuluma nonompempe, ngize ngibe namahloni okuphinda akushilo kumabonakude.
“Angizange ngifundiswe ukuphendula uma ngithukwa. Ugogo angathukuthela uma engangizwa ngisebenzisa lawo mazwi. Ungikhulise kahle kabi.”
Ngakolunye uhlangothi, uMartin ukuphike lokho okushiwo uMammila, ethi yena akakaze adelele omunye umqeqeshi kuyo yonke iminyaka yakhe engu-23.
“Ngifuna ukuyiqeda lento ngoba ayifuneki ebholeni kwakuthi sikhulume nje ngayo,” kusho uMartin kuleli sonto.
“Kodwa njengoba usubuzile, ngifuna ukusale sengikhulume okuthile ngoba ngeke sivumele muntu ukuthi asho into engelona iqiniso.
“Ngingakutshela nje ukuthi ngingumuntu ofundile. Futhi ngibonga uNkulunkulu ngabazali enginabo nemfundo abanginikeze yona.
“Ngingakutshela nje ukuthi eminyakeni engu-23 ngisebenza, angikaze ngithuke uzakwethu,” kuchaza uMartin.
“Kukhona ukungezwani kwesinye isikhathi, yebo. Ibhola leli kodwa angikaze ngibe nenhlamba.
“Futhi uma umuntu eqamba amanga, ekhuluma izinto okungenzeka ukuthi uyena owayezisho hhayi mina, kufanele ngizivikele.
“Ngikhuliswe ngenhlonipho nemigomo emihle engizama ukuyithatha ngiyifake kuleli qembu.
FUNDA NALA: Akuvotwe ngobuningi kowoMdlali oVelele kwiCarling Knockout
“Kimina, inhlonipho ibalulekile futhi kusukela manje ngiyethemba lento seyiphelile.”