Ikuphindile lokho i-Xcel itholela uJanet Mbele abaxhasi
ALFRED NGUBANE
Isihlabani somsubathi wakuleli, uJanet Mbele we-Xcel Running Club eholwa nguSbusiso Cele usehlomule ngabaxhasi.
Le ntokazi ithole uxhaso enkampanini esabalele umhlaba wonke ekhiqiza izimpahla zezemidlalo i-Under Armour.
UJanet Mbele usayine nale nkampani unyaka owodwa kuphela kodwa unalo igunya lokuyelula ngomunye unyaka.
Le ntokazi isandla kukhulisa igama layo kwezokusubatha njengoba iphume negolide kwiComrades Marathon.
Lo msubathi ulandela ezithendeni zikakwabo uSbonelo Khumalo yena osefunda phesheya kwezilwandle ngosizo lomfundaze awutholelwe yi-Xcel Running Club.
Ekhuluma neMpempe uSbusiso Cele, uthe kumqoka kubona ukuweza abasubathi njengoba imfundo beyihambisa phambili.
Uthe ukungena kukaJanet Mbele ohlwini lwabasubathi asebenqobe igolide kwiComrades Marathon yikho okubasukumisile.
“Kusibhukulisile ukuthi simtholele abaxhasi ngaphambi kokuthi kuqale amalungiselelo eComrades Marathon elandelayo,” kusho uCele.
“Thina njenge-Xcel Running Club sinenhloso yokuthuthukisa abasubathi bethu nangezemfundo.
“Lokhu kungenxa yokuthi umsubathi ngeke asubathe impilo yakhe yonke.
“Sinezinhlezo abazaziyo nabaziqondayo ukuthi zizobabeka ezingeni elihle,” kuchaza uCele.
I-Xcel Running Club izikhombisile ukuthi ayizile ukuzodlala njengoba isinqobe imijaho emningi kusukela yasungulwa.
Ingelinye lamaqembu adlala indawo ebalulekile kubasubathi. abasubathi bayo bashaya incwenga kwezosubatha, bajima ngendlela yezinga eliphezulu kakhulu.
FUNDA NALA: UMartin waMaZulu ubabaza uhubhu lukabhejane kuMammila
Abasubathi abaningi abamnyama baphuma emndenini edla imbuya ngothi abanabo abaxhasi njengabamhlophe.