OwaMaZulu uthenge indizamshini azoshadisa ngayo indodakazi
Intatheli yeMpempe
Usomabhizinisi ongumnikazi weqembu leDStv Premiership uSandile Zungu usethenge indizamshini njengoba elungiselela umshado wendodakazi yakhe.
Indodakazi kaZungu ongumnikazi waMaZulu FC, uSinenjabulo Zungu, uzoshada nomgadli waleli qembu lakubo uBongi Ntuli maduze.
USinenjabulo uyisikhulu esiphezulu kuMaZulu. Kubikwa ukuthi uSandile Zungu ufuna lo mshado wendokakazi yakhe ube ngundabamlonyeni.
Yingakho esethenge indizamshini azohambisa ngayo uSinenjabulo uma eseyoshada umshado omhlophe.
Owesintu bawenze ngesikhathi kuvalwe isizini. Ngokubika kwabeZimoja, sekunesikhathi lo mshado ulungiselelwa.
Kuthiwa bazoshada kuyiSonto nengoba umkhwenyana, uBongi Ntuli eyilungu lebandla lakwaShembe.
Kuthiwa bayofika ngendizamshini kule ndawo abayobe beshadela kuyo okulindelwe izicukuthwane eziphambili.
Kuthiwa le ndizamshini ithengelwe ukuthi isetshenziswe noma kuyiwa emidlalweni yeqembu ezindaweni ezingenawo amabhanoyi aqonda ngqo njengakoPolokwane.
“Kodwa ke njengoba umshado uzoba ngeSonto elizayo umuntu wokuqala ozosebenzisa leli bhanoyi nguSne,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Kuthiwa uSinenjabulo useke wathatha nezinsuku emsebenzini ukuze alungiselele kahle lolu suku lwakhe olukhulu.
“Lezi zithandani bezimatasa zilungiselela lo mshado… Bafuna ube ngumshado wonyaka.”
FUNDA NALA: Ubanjwe nenyama yokwebiwa owaduma kwiBafana Bafana
Kuthiwa kunenywe ngisho ongqongqoshe bakahulumeni nezinye izicukuthwane eziphambili.