EzakamuvaIbhola

IChiefs icoshe izifundo ngempumelelo yamaBhokobhoko

IKaizer Chiefs ihlomulile kwimpumelelo yeqembu lesizwe lerabhi, AmaBhokobhoko kulandela ukuthi ihlangane nawo kuleli viki. 

AmaBhokobhoko, angompetha bomhlaba kwirabhi, abehambele eFNB Stadium la ehlangane khona nabalandeli neqembu leChiefs ngoLwesine ntambama. 

Lolu hambo beluyingxenye yombukiso owuchungechunge wendebe iWeb Ellis oluqale eGauteng noluzodlulela kwezinye izifundazwe. 

Isikhulu esiphethe zokumaketha kwiChiefs, uJessica Motaung nguye obehola ithimba laleli qembu eFNB Stadium

Uthi indlela AmaBhokobhoko enza ngayo izinto inesifundo hhayi iChiefs engazuza lukhulu kuso, kodwa hhayi yona kuphela, namanye amaqembu.

“Siyawabonga AmaBhokobhoko ngokuhlanganisa isizwe nokusikhumbuza ukuthi uma sisebenza ngokubambisana, noma singahlangabezana nezinselelo, singanqoba. 

“Sibalethe lapha ekhaya, sibalethe ekhaya lompetha, sibemukele, bakufanele ukuba lapha,” kusho uJessica kwiSunday World. 

“Njengeqembu, kuningi okuhle esingakucosha siye nakho phambili – hhayi iChiefs nje kuphela kodwa namanye amaqembu ePSL ngokunjalo. 

“AmaBhokobhoko asikhombise ukuthi uma uhlela kahle izinto, benze ululandela lolo hlelo, akukho okungakuvimba. 

“Ukuzinikela nothando abakukhombise emdlalweni ngamunye abawudlalile (eNdebeni yoMhlaba) bekungakholakali. 

“Abadlali bethu kumele bacoshe izifundo kulokho. IKaizer Chiefs ijabule kakhulu ngempumelelo yamaBhokobhoko, futhi siyawabongela.” 

Uma le mpumelelo ingaba yizinyamazane leli qembu laseNaturena ebelidinga ukushunqiselwa ngazo ukuze lijike izinto, abalandeli balo bengagiya. 

Phela sekuphele iminyakanyaka leli qembu lipaquza ubala, lihluleka ukuhlomula izinto ezibonakalayo ebholeni lakuleli. 

Into eselize liyenze kangcono muva nje leli qembu wukushintsha abaqeqeshi ngemuva kokuthi abalandeli bekhonondile ngabo. 

FUNDA NALA: URainers usebheke owamanqamu kwiCarling Knockout

IChiefs izobuyela enkundleni ngoLwesithathu la izogadulisana khona neCape Town Spurs emdlalweni ozobe ungenabalandeli eFNB Stadium.