EzakamuvaIbhola

UNtseki udalula indlela uMotaung enza izinto zibe lula kwiChiefs

UMolefi Ntseki ugcizelele iqhaza elivame ukunganakwa kodwa elibalulekile elibanjwe ngusihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung.

Engxoxweni yakamuva nabezindaba, ngaphambi komdlalo weChiefs weCarling Knockout lapho izobhekana khona naMaZulu FC, uNtseki uzwakalise ukubonga uMotaung. 

Lo sihlalo ubehlanganisa iminyaka engu-79 ngoMsombuluko. UMotaung owadlala kwi-Orlando Pirates ne-Atlanta Chiefs e-United States, useneminyaka engaphezu kuka-50 esebholeni. 

UMotaung asungula iKaizer Chiefs eneminyaka engu-26 nje kuphela. UNtseki udalule ukuthi ujwayele ukubamba imihlangano naye ngaphambi kwemidlalo, lapho becobelelana khona ngemibono baphinde baxoxe ngezinto ezithinta iqembu.

“Ngihlale ngithi kuyisibusiso ukuba yingxenye yeqembu elinjengaleli,” kusho uNtseki. “Ngiqonde ukuthi, unosihlalo walidlala ibhola, sinosihlalo osehlale ebholeni iminyaka engaphezu kuka-53.

“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi ubuhlakani bakhe buyohlale buvela. Futhi kubaluleke kakhulu. Ngaphambi kwayo yonke imidlalo, ngihlale ngiba nomhlangano naye.”

UNtseki uthi kule mihlangano, wenekela uMotaung ngokwenzeka eqenjini, amazise nangezinhlelo zalowo mdlalo. 

“Sisuke sixoxa ngokwenzeka eqenjini, simazise ngesimo seqembu nokuthi yibaphi abadlali abalimele bese simazisa nangohlelo esihlele ukulisebenzisa kulowo mdlalo.

“Futhi lokho kuhamba kahle kakhulu, kuba yizingxoxo enhle kakhulu yokwabelana ngolwazi.” 

UNtseki uthi yena uhlezi evulelekile ukufunda okuthile kubantu axoxa nabo ngezokuqeqesha. 

“Ngicabanga ukuthi izingxoxo ngokuqeqesha  zihlale zibalulekile ngoba noma uhlangana nomuntu emgwaqeni enokuthile angakusho ngomdlalo, uthola isifundo samahhala.

“Ungathola lesi sifundo kumuntu ohlangana naye emgwaqweni noma kube nguwe ofundisa lowo muntu. Okubalulekile wukuthi ibhola liyathuthuka.

“Futhi njengoba ibhola lithuthuka, kubalulekile ukuthi kube nalezo zingxoxo ukuze sikhulisane ngezokuqeqesha. 

“Namanye amalungu ekilabhu asebenesikhathi eside ekhona, anendima yawo okumele ayifeze.

“Ngeke uhlale uzenzela yonke into uwedwa ngaphandle kokulalela, kwesinye isikhathi uthola izeluleko kubantu abaseduze kwakho,” kuchaza uNtseki.

FUNDA NALA: ‘Akakaxolisi,’ kusho uSukazi ngoweDowns ophule uParker

UMotaung uzothemba ukuthi uNtseki uzomethulela uhlelo lokunqoba kulokhu njengoba belungiselela ukwamukela Usuthu emdlalweni wabo wokuqala weCarling Knockout Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.