UMakaab uphumela obala ngabafuna uGabadinho Mhango
Alfred Ngubane
Imenenja kaGabadinho Mhango, uMike Makaab isikuqinisekisile ukuthi “basezingxoxweni” namaqembu ehlueke ngalo mgadli njengoba engekhe ezinhlelweni zomqeqeshi omusha waMaZulu uPablo Martin.
UGabadinho Mhango, oneminyaka engu-30, kubonakala emancane amathuba okuthi angaqhubeka nokudlala Osuthwini kule sizini ezayo.
Lo mgadli owake wagijima kwi-Orlando Pirates uke wakhonjwa kwiKaizer Chiefs, kodwa uMakaab ukugcizelele ekhuluma nabeGagasi FM ukuthi ayikho leyo.
UMakaab, nokho ukuqinisekisile ukuthi baxoxisana namaqembu ambalwa asekhombise isifiso sokuthola lo mgadli odabuka eMalawi.
Nokho iqembu elimfunayo kuzomele lizimisele ukukhipha okuncane njengoba esenenkontileka naMaZulu nje.
“Siyaxoxisana namaqembu athile. Kumele ukuqonde ukuthi unenkontileka naMaZulu njengoba sikhuluma nje,” kusho uMakaab.
“Ngakho ziningi izinto okumele kubhekwe kahle nazo. Futhi, njengoba ngenza nangoTerrence (Dzvukamanja) noThami Gabuza, lezi zinto kufanele zenziwe ngendlela efanele.
“Ngizokwenza ngendlela efanayo nefanele nangoMhango.” UMakaab uqhube wathi okwamanje basaxoxisana naMaZulu ukuze kutholwe isixazululo kubo bonke abathintekayo.
“Impela zikhona izingxoxo eziqhubekayo zokuthi asshiye eqenjini,” kwengeza le menenja enamava.
“Akubonakali ukuthi ukhona ezinhlelweni zomqeqeshi omusha, kodwa iqembu kufanele likuhloniphe ukuthi unenkontileka…
“Futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi sithola isisombululo ngoba kubalulekile ukuthi amaqembu naye umdlali bajabule ngesiphetho.
“Uma kungenjalo, kufanele sithole isixazululo kodwa kufanele kube yisixazululo esinobulungiswa kuzo zonke izinhlangothi.”
Ebuzwa ukuthi ngabe iChiefs ike yasiveza yini isifiso sokusayinisa uGabadinho Mhango, uMakaab uphawule ngokushiwo uBobby Motaung ngempelasonto.
UMotaung ukuphikile ukuthi iChiefs iyamfuna lo mdlali, wathi yize bebafuna impela abagadli, kodwa ngeke kube nguMhango.
Noma engachazanga ukuthi kungani emchitha uMhango, kodwa kuyaziwa ukuthi irekhodi lakhe lokuziphatha elingelihle linomthelela kulokho.
IChiefs isanda kuchitha abadlali abebesolwa ngokuhluleka wukuziphatha ngoba ingafuni babe nomthelela omubi eqenjini.
FUNDA NALA: Unqotshwe iStellenbosch umbango wesikhwishikhwishi seChiefs
Manje ukulanda uMhango kungabonakala kuwukukhomba indlela iphinde ijike njengoba naye uMhango elandelwa umsanka wokwehluleka wukuziphatha nje.