Welele, sekuvele kwaba mnyama kakhulu kweziMnyama
Iphupho lendebe yesibili liphele kabuhlungu kwi-Orlando Pirates iwashiswa ijezi yiRichards Bay kwiCarling Knockout Cup ngoMgqibelo.
IPirates yiyona yodwa iqembu elikhulu ebelisele kulo mqhudelwano futhi beyisibhekiwe kwazise ayizibheki izindebe.
Kodwa ngoMgqibelo izithole ifana nomuntu edilike esitobhini okungesona esifanele, iRichards Bay ibashaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Umdlalo bewuphele zibambene ngo 0-0 njengoba iPirates beyihluleka wukusebenzisa amathuba ewatholile emdlalweni ebiwuphethe.
Ishaywa nje iPirates ivele iphelelwe wushatini kulezi zinsuku njengoba nasemidlalweni yeligi idonsa kanzima.
Ibuvele iphume endukwini yeCape Town Spurs ngoLwesithathu emdlalweni weligi.
IRichards Bay seyilandele iStellenbosch FC emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiCarling Knockout.
IStellies sishaye iPolokwane City ngo 2-0 emdlalweni obusePolokwane ngoLwesihlanu ntambama.
Ukunqoba kweRichards Bay kuqinise amathuba okuthi okungenani elilodwa lamaqembu aKwaZulu-Natal lizobe likhona kowamanqamu.
FUNDA NALA: Alicaci ikusasa lomdlali ojinyiswa nezingane kuMaZulu
Emdlalweni olandela lona, iGolden Arrows izogadulisana naMaZulu FC, bese lesi sigaba sivalwe yiSekhukhune United neTS Galaxy.