EzakamuvaIbhola

Sixolisile isikhulu esihilizisane nomlandeli kwamuncu

Kube muncu enkundleni isikhulu seqembu elidlala kwi-SAB League eFree State sihilizisana nomlandeli weqembu, kwaze kwagcina kuphuma namagama angemahle. 

Lesi sigameko senzeke emdlalweni obungeSonto ntambama kanti kuthiwa sishiye abalandeli nezinye izihambeli zimangele. 

Nokho lesi sikhulu – okunguMax Tshabalala weBloemfontein Celtic – sesixolisile ngalesi sigameko esithi sibe yiphutha elibi. 

UTshabalala uthi uthathe ngenhliziyo ngesikhathi ezwa lo mlandeli emchapha ngenhlamba, isimo sagcina simuncu. 

“Ngokuzithoba, ngiyaxolisa ngokuziphatha kwami okungekuhle eDr Molemela Stadium,” kusho uTshabalala esitatimendeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana zeqembu. 

“Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami esingesihle. Bengicasukile ngenxa yokuthi abanye abalandeli basebenzise amagama amabi bewabhekise kimi. 

“Bengihleli nomndeni wami nabangani sibuka umdlalo ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo esibi. 

“Ngiyaxolisa ngendlela engiziphathe ngayo. Ngiyaxolisa kini Masele, futhi ngiyaxolisa nakuye lo mlisa othintekile. 

“Lokhu ngeke kuphinde kwenzeke, futhi ngiyaxolisa, ngishawa nangamahloni Masele. Ngicela uxolo lwenu,” kuqhuba lesi sitatimende. 

Kuyinto eyaziwayo ke ukuthi ubudlelwano bukaTshabalala nabalandeli beCeltic abubuhle neze ngoba  bakhala ngokuthi uyalibulala leli qembu labo. 

Bekungaphansi kobuholi bakhe la leli qembu langena ehlazweni lokungaholelwa kwabadlali. 

Kwagcina ngokuthi adayise isitifiketi salo sokudlala kwiDStv Premiership esathengwa uShauwn Mkhize, wajika igama kwaba yiRoyal AM. 

Kusukela lapho ke uTshabalala unenukani kubalandeli baleli qembu eselidlala kulesi sigaba sama-amesha. 

FUNDA NALA: Sekuvele abafuna ukuthenga iRoyal AM, kodwa iyadura

Kulo mdlalo okusuke kuwo isixakaxaka, iCeltic ihlulwe ngo 1-0 yiDikgosi FC.