EzakamuvaiDStv Premiership

ISekhukhune iya nomqeqeshi omusha kowePirates 

ISekhukhune United izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu kusihlwa seyinomqeqeshi omusha. 

Lamaqembu azogadulisana e-Orlando Stadium ngo-7.30 kusihlwa. ISekhukhune seyixoshe uBrandon Truter obengumqeqeshi. 

Naye lo mqeqeshi sekunesikhathi azi ukuthi izinsuku zakhe sezibaliwe, futhi kukhona la kwake kwangathi uzozishiyela yena ngoba esesindeka kulo msebenzi. 

Kodwa uhlalile waqhubeka kwaze kwaba uyaxoshwa kuleli viki. Ukuxoshwa kwakhe kulandela ukuthi iSekhukhune iwashiswe ijezi kwiCarling Knockout Cup. 

Leli qembu laseLimpopo lishayelwe ekhaya yiTS Galaxy kulo mqhudelwano ngoMgqibelo kusihlwa, kwaba wukuphela komsebenzi kuTruter. 

Nokho kusaxoxiswana ke ngokushiya kwakhe nokuthi uzonxephezeleka kanjani njengoba ubesenenkontileka kuleli qembu. 

Indawo yahe eqenjini ibuyiselwe kuMcDonald Makhubedu owake waliqeqesha leli qembu phambilini, futhi obeyiphini likaTruter. 

UTruter uxoshwa nje ulandela oMorgan Gould nobeqeqesha onozinti uJohan Abselon. UGould yena kuvela ukuthi kusangenzeka anikwe omunye umsebenzi khona eqenjini. 

U-Innocent Mayoyo, obesebenza enkulisa yeqembu, nguye ozothatha umsebenzi ka-Abselon eqenjini elikhulu. 

FUNDA NALA: Sixolisile isikhulu esihilizisane nomlandeli kwamuncu

UTruter nguye oveze kwabezindaba ukuthi yena akasekho kuleli qembu futhi kunezinguquko ezikhona ethimbeni labaqeqeshi.