NeSafa ‘ikhathazekile’ ngesimo sokushaywa kwempempe
Izinga lonompempe yinto osekuhlezi kukhalwa ngayo manje emidlalweni yePremier Soccer League – kuzo zombili izigaba.
Nokho amaphutha onompempe anakwa kakhulu ngawenzeka emidlalweni emikhulu yamaqembu eDStv Premiership.
Impelasontto edlule iphele kukhalwa ngephenathi ebekelwe i-Orlando Pirates emdlalweni wayo naMaZulu FC kwiNedbank Cup.
Kuthe kusachazwa okwenzeke lapho, kwabe sekwenzeka esinye isimanga ngoMsombuluko emdlalweni weMoroka Swallows neMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership.
Igoli lokulinganisa leSwallows lisuse izimpiliswano ezisaqhubeka namanje neziveze isidingo zokuqondisisa imithetho yebhola.
Nokho indaba yamaphutha onompempe isuka kude futhi umphathi weJomo Cosmos, uJomo Sono, wake waveza izinsolo ezimbi ngawo.
Wathi lamaphutha ayaqina futhi ayanda ngasekupheleni kwesizini ngoba onompempe basuke sebefumbathisiwe.
Isikhulu esibhekelele ukusebenza konompempe kwiSafa, u-Abdul Ebrahim, sivumile ukuthi lokhu yisimo esibakhathazayo.
“Izikhathi okwenzeka ngazo kakhulu amaphutha ziyakhathaza impela,” kusho lesi sikhulu kwiRadio 2000 ngoLwesibili.
“Uthola emaningi ekuqaleni kwesizini, bese kuba ngathi abangcono, kuthule , abuye abuye, kuphinde kube ngcono. Kumele sisijike lesi simo.”
Okuhlekisayo ke naglamaphutha onompempe wukuthi abaqeqeshi bathula sengathi abawabonanga uma evune bona.
FUNDA NALA: Uyaziphendulela omataniswa neChiefs nePirates
Kodwa uma esedla bona, bakhihla esikaNandi baze benze nezonsolo ezisabekayo zokuthi kunabantu abangaphandle abathuma onompempe.