Ijabulise umqeqeshi iLindelani Ladies ivula ngewini
HLENGIWE MFEKA
ILindelani Ladies FC iyiqale kahle isizini yayo kwiHollywoodbets Super League, ishaya iThunderbirds Ladies ngo 3-0 ePrincess Magogo Stadium ngempelasonto.
Lona beku mdlalo wokuqala kwiligi enkulu yebhola labesifazane kuleli.
Abalandeli bebephume ngobuningi babo bezothamela lo mdlalo. Wonke umuntu ubekhombisa injabulo ngokucula nokudansa.
Umqeqeshi weLindelani Ladies, uNathi uzwakalise ukujabula ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo kulo mdlalo.
“Kuyiphupho lawo wonke umqeqeshi ukuthi abone abadlali bakhe bedlala kahle nangokuzinikela,” kusho uNathi.
“Maningi amaphutha ekusamele siwalungise ikakhulukazi esiswini.
“Kumele senze isiqiniseko sokuthi asibavumeli badlale, nabadlali basendishini kusamele balungise okuncane.
“Kodwa-ke baseyizingane bazofundiseka okunye okushodayo.
“Kube yisiqalo esihle ngoba siwine ngo 3-0 sakwazi ukuthola amaphuzu amathathu futhi asingenelwanga goli.
“Abadlali bengibabona ebusweni ukuthi bajabule, nami ngijabule kodwa kusamele sibuyele ezinhlelweni zethu sihlele kabusha.”
FUNDA NALA: Usetholelwe usizo uKhenyeza kwi-Arrows ecwilayo
ILindelani Ladies seyibheke ukuqhubeka nokukhula futhi yenze kangcono kule sizini njengoba izokwakhela kulokhu kunqoba kwayo.

