Iyethembisa iChiefs kaJohnson, kodwa uthi usemningi umsebenzi
UCavin Johnson uthole iwini yakhe yokuqala engumqeqeshi weKaizer Chiefs, futhi neqembu lakhe lidlale ngendlela ethembisayo.
IChiefs ivuke ngeCape Town Spurs iyishaya ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership odlalwe eFNB Stadium ebikhala ibhungezi.
Ukudlala kweChiefs kumnike ithemba uJohnson, kodwa uyazi ukuthi umsebenzi okumele awenze ukuze iqembu lidlale ngokuxhumana kahle usemningi.
“Sinqobile – kuhle lokho. Kodwa ngicabanga ukuthi sibuye sabayeka babuyela emdlalweni ikakhulukazi ngemuva kwegoli lesibili.
“Ngibone sengathi bekumele sishaye elesitahthu ngaphambi kokuthi bathole elabo lokuqala,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.
“Balitholile igoli futhi lokho kusifakele ingcindezi enkulu. Sibavumele ukuthi basihlasele kalula.
“Akuyona indlela yeChiefs yokudlala leyo. Sibadedelile nathola elinye igoli elenze kwaba u 3-2.
“Ngemuva kwalokho sizithole sesinomsebenzi omkhulu. Ngokwami, kusekuningi okumele sikufunde, sibe ngcono kukho.
“Kumele uma sinqoba, sinqobe ngendlela efanele iChiefs,” kuchaza lo mqeqeshi obambile kuleli qembu.
IChiefs ikhombise ukuba ngcono emizuzwini yokuqala yomdlalo, ikakhulukazi njengoba uRanga Chivaviro ubeyinika okwehlukile phambili.
Lo mgadli odle ngomzimba nguye obeyihola uma iyaphambili, kodwa ukhombise ukungabi namona.
Bekuthi uma ebona uzakwabo esendaweni engcono kunaye, aphakele ibhola. Uke wacishe walithola igoli ngomzuzu wesihlanu, kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni.
Imizamo yaMakhosi igcine ithelile ngomzuzu ka-15, u-Edson Castillo elinamathisela enethini ngemuva kokucucuza kwezitobha zeSpurs.
Emizuzwini eyishumi ukusuka lapho, iChiefs yengeze elinye igoli kwaba u 2-0 ngegoli likaChivaviro obekungelokuqala kusukela efike kuleli qembu.
Kodwa ngemuva kokudedela leli goli, i-Urban Warriors ivukile emaqandeni, yabona ukuthi isha nendlu.
Kuyiwe ekhefini seyilitholile elilodwa eliyinike ithemba lokuthi kukhona esangakuzuza kulo mdlalo. Igoli layo lishaywe uLuvuyo Phewa.
Esiwombeni sesibili umdlalo uthe ukwehla, futhi iChiefs ibisihamba phambili ngomdlalo, yashaya negoli lesithathu ngonyawo lukaChristian Saile.
Kodwa uphele sekuminciwe, umfana omncane uLuke Baartman eshaya elesibili leSpurs elenze washuba kakhulu umdlalo.
FUNDA NALA: UMpengesi ucacisa eyokungaholi ‘kwamavolontiya’ kwiChippa
Le wini izoyinika ukuzethemba iChiefs njengoba izobhekana nomkhaya bayo i-Orlando Pirates kuyo le nkundla ngoMgqibelo ntambama.