AmankomaneEzakamuva

UDladla ukhala ngokushoda kwabelungu kwibhodi yeBSA

UHlula “Mholiwami Dladla” ongusihlalo wabahleli bezimpi KwaZulu-Natal, usecebise ungqongqoshe wezemidlalo kuzwelonke ngebhodi elisha. 

Lo ngqongqoshe, uZizi Kodwa usanda kuqoka ibhodi elisha elizokwengamela iBoxing South Africa elifake nabantu abasebasha nabesifazane. 

Leli bhodi lakhiwe usihlalo uSfiso Shongwe, namalungu okungoSakhiwo Sodo, Romy Titus, Luxolo September, Nande Mpshe, Princess Nongoma noMarry Sitati.

UDladla nokho ukhala ngokusala ngaphandle kwabebala elimphlophe kuleli bhodi.

“Ngibona ukuthi kuhle ngempela ukumeleka kobulili kodwa khona lapho kushoda khona njengoba abamhlophe bengekho nje kuleli bhodi elisha. 

“Lokho kusho ukuthi kuvela sengathi isibhakela kuleli ngesabantu abamnyama kuphela,”  kusho uDladla. 

“Kodwa abamhlophe kuleli baningi kakhulu esibhakeleni. Kumele ngabe bamelekile kuleli bhodi njengoba siyizizwe ezihlangene.

“Njengezakhamizi zaleli zwe siyadingana kakhulu njengoba lendlu emhlophe yabamba iqhaza elikhulu ekuthuthukuseni isibhakela.”  

Into eyenza uDladla akhalekakhulu ngabamhlophe wukuthi umnotho usesezandleni zabo ngakho abaxhasi bayafulathela uma bebona bengekho abelungu. 

“Abamhlophe banezinkampani ezizimele. Ngaleyo ndlela siyadingana ukuze bafike nabaxhasi.” 

UDladla yindoda ekuqondayo ukubaluleka kwabantu bonke balelizwe. Njengoba engumholi wezamankomane eKZN, usekhombise ukudlondloba okukhulu.

Uhlela nezimpi ezinkulu kuleli njengoba kumanje umatasa ngezimpi ezinkulu, ezizoba seThekwini ngoDisemba 9. 

Lezi zimpi ziholwa phambili ngeyosaziwayo okuzohluthulana kuyo umculi uBig Zulu nosomabhizinisi uPhumlani Njilo. 

Umcimbi use-Olive Centre ngaseNorth Beach eThekwini kanti sezizonke izimpi zimi kanje: 

WBA Pan Africa FeatherWeight: Lindelani Sibisi v Sange Ngoza

SA Women MiddleWeight Title: Mapule “Thunder” Ngubane v Rita Mrwebi

 KZN BantamWeight Title: Sboniso “Tiger” Gonya v Mduduzi Mzimela  

KZN Junior MiddleWeight Title: Simphiwe Mbhele v Philelani Khumalo 

KZN LightWeight Title: Sandile Dumisani v Siphesihle Mntungwa.