U-Arthur Mafokate uveza isifiso sakhe ngoLuke Baartman
ULuke Baartman, umfanyana oneminyaka engu-17 ongumdlali weCape Town Spurs, ungomunye wabadlali beDStv Premiership abasematheni njengamanje.
Ukudlala kahle kwakhe emidlalweni yakamuva – ikakhulukazi bebhekene namaqembu amabili amakhulu kuleli, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs – sekushiye abalandeli bengawuvali umlomo ngaye.
KwiCarling Knockout Cup bebhekene nePirates, uLuke Baartman wangena umdlalo sewuyophela, edlala okokuqala.
Wafika waba nemibuzo enzima ayiphosela udonga lwayo lwasemuva olunamava, kwabonakala ukuthi lukhulu eza nalo.
Uphinde wadlala kahle esuka ebhentshini bebhekene nayo iPirates emdlalweni weligi ngeviki elidlule la bethuse abaningi beshaya leli qembu.
Nokho kube la sebebhekene khona neChiefs emdlaweni weligi ngoLwesithathu ebusuku la uLuke Baartman ezifake ezinhliziyweni zabalandeli.
Lokhu ukwenze ngokushaya elihle igoli komunye wonozinti abahlonishwayo kuleli, u-Itumeleng Khune.
Ubhakuzise inethi ngebhola alikhahlele ngobuchule, lazishayisa kumdlali weChiefs qede lamdida uKhune layoqabula inethi eFNB Stadium.
Ngemuva komdlalo, uKhune ubonakale emanga lo mnfanyana, kubonakala sengathi umnika namazwi okumgqugquzela.
Manje sekuvele nomculi odumile kuleli, u-Arthur Mafokate, ongumlandeli omkhulu wePirates, eveza isifiso sakhe ngalo mdlali.
UMafokate, ongenye yezingqalabutho zomculo weKwaito, ufake isithombe salo mdlali kwiFacebook yakhe, wabe esesiphelezela ngombhalo oveza akufisayo ngaye.
“Ngibhekise kwimenenja yalo mfana, ngicela uzame ukumtholela umsebenza phesheya kungaze kwedlule isikhathi.
“Asemane manje amaviki ngisho lento. Futhi ngicabanga ukuthi ngisho angayohlolwa ikhono nje, lokho kungamsiza (akhule).”
FUNDA NALA: Iyethembisa iChiefs kaJohnson, kodwa uthi usemningi umsebenzi
Njengoba amehlo esethe njo kulo mfanyana, umqeqeshi wakhe kwiSpurs, uSean Connor kuzomele amgadisise ukuthi angadidwa wudumo.