U-Erasmus wethemba uMakgopa ukuthi engabanqobela idabhi
UKermit Erasmus ungomunye wabagadli abawaziyo umuzwa wokushaya igoli emdlalweni ongomkhulukazi ebholeni lakuleli – idabhi yaseSoweto.
Lo mgadli we-Orlando Pirates useke wawashaya phambilini amagoli kulo mdlalo osuke ubukwa bukhoma abalandeli ababalelwa ku-90 000.
Njengoba kubhekwe kwenye idabhi kule mpelasonto, akungabazeki ukuthi ungomunye wabadlali abathwele amathemba abalandeli beZimnyama.
“Kuncika ekutheni ufika nani emdlalweni ngalolo suku. Kumele ube sezingeni eliphezulu, uqaphele, kumele ube nesibindi,” kusho u-Erasmus ngalo mdlalo.
“Kumele ulilwele ibhola emidlalweni efana nalona. Uma ngibheka indlela esidlala ngayo, kuzoba wumdlalo omnandi.
“Okuzomele sikwenze nje wukuzama ukwakha amathuba bese wukusebenzisa. Yilokho ebesimatasa ngakho kuleli viki, ukungatatazeli uma sesisondela epalini lezitha.”
Muva nje, u-Erasmus udlala sanombolo 10, elandela ngemuva u-Evidence Makgopa okunguyena mgadli ophambili kulandela ukulimala kukaZakhele Lepasa.
ULepasa akakabuyeli esimweni sokuthi engaqala imidlalo, ngakho uJose Riveiro usebenzisa uMakgopa.
Akumhambeli ke kahle lo mgadli njengoba amagoli emfimfa nje, kodwa u-Erasmus uthi akusekude abe ngumgadli ongalibheki ipali – okungenzeka aziqale ngawo uMgqibelo izimanga.
“Sizama ukudlala kukhona ophambili, mina ngimlandele ngemuva ukusiza iqembu ngeminyakazo yokuhlasela.
“Mina kumele ngenze iminyakazo ezovulela ozakwethu naye (uMakgopa) ithuba, siyakwenza lokho inkinga wukuthi asiwasebenzisi amathuba.
“Mhlawumbe kumele sehlise umoya kancane, singakhahleli noma isimo singavumi,” kuchaza u-Erasmus.
“Yilokho ebesimatasa ngakho kuleli viki, sinethemba kuzoba nezithelo ezinhle ngempelasonto.”
Uthe bayamsiza uMakgopa nasejimini ukuze agcine elivezile leli khono abalibonayo.
“Ngizamile ukumeseka ejimini ngayo yonke indlela. Unalo ikhono lokusishayela amagoli… Unomzimba futhi mude.
“Uyakwazi ukugebha uma engaliphethe ibhola. Ngicabanga ukuthi uma eqhubeka nokudlala, nokuzethemba kuzokhula.
“Kumele simenze akholwe wukuthi engayenza lento, engawashaya amagoli ukuze azethembe asebenzise amathuba awatholayo.”
Uthi into esisele kulo mgadli osukile egabadeni wukuthi azethembe, bese edlala ngokukhululeka, emuva kwalokho kuzolunga konke.
“Mude, futhi uyashesha uma ubheka umzimba wakhe… Unalo ikhono lokuthi agcine ephumelele. Kusele ukuzethemba nje.
FUNDA NALA: ‘Sizoyiwinela uBongi (Ntuli) iCarling Knockout Cup’
“Njengoba singabadlali, kubalulekile ukuzethemba kwenza umehluko omkhulu. Kwenza umehluko phakathi kokuthi wenze kahle noma kungahambi kahle.”
Umdlalo walezi zinkunzi zaseSoweto useFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.