EzakamuvaiCarling Knockout Cup

‘Sizoyiwinela uBongi (Ntuli) iCarling Knockout Cup’

Uchiphize izinyembezi umdlali waMaZulu FC, uRamahlwe Mphahlele enza isethembiso kuzakwabo uBongi Ntuli obefihlwa ngoLwesine emini. 

UMphahlele wenze lezi sethembiso ngesikhathi evalelisa kuBongi Ntuli obengumgadli woSuthu. 

Lo mgadli udlule emhlabeni ngokuzuma ngeSonto esibhedlela saseMgungundlovu. 

Ugule isikhashana wase eshona ngeSonto ngemuva kokutholakala kokuthi ubenomdlavuza.

“Yonke imidlalo esizoyidlala kusukela manje, kumele sihlale sikhumbula wena mfowethu, siyidlalele wena. 

“Kusele imidlalo emibili kuphela ukuthi siwine iCarling Knockout,” kusho uMphahlele owake wadlala nakwiKaizer Chiefs.

“Uma sesiyiwile (angisho ukuthi uma kwenzeka ngoba sizoyiwina) sizoyiletha lapha eCato Ridge kuwena (kubokaBongi Ntuli).”

Ukudlula emhlabeni kukaNtuli kushaqise abaningi abebengakaze bezwe ukuthi ubegula.

“Ubufika ejimini uziqinise kodwa besazi futhi sibona ukuthi awuphathekile kahle.” 

UMphahlele ube esedlulisela amazwi enduduzi emndenini kaBongi Ntuli, ikakhulukazi uyise nomkakhe abesanda kumshada uSinenjabulo Zungu.  

“Kubaba uNtuli (uyise kaBongi) angazi ukuthi kunjani ukulahlekelwa yindodana.

“KuSne angazi ukuthi kunjani ukulahlekelwa umuntu omthandayo. Engingakusho ukuthi ngalesi sikhathi kufanele nisondelane kakhulu nomthandazo.00

“Thina silahlekelwe umfowethu namagoli. Angazi ubaba uZungu (uSandile ongumengameli waMaZulu) uzomthathaphi omunye umgadli onjengoBongi. Lala ngokuthula mfowethu.”

FUNDA NALA: Okwenza imidlalo yomkhaya ibaluleke ebholeni

AmaZulu azodlala umdlalo olandelayo weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows ngeSonto. KwiCarling Knockout azobhekana neTS Galaxy.