EzakamuvaiNedbank Cup

OweCrystal Lake uvume isifundo abasinikwe yiPirates

Umqeqeshi weCrystal Lake, uMagic Nyalungu, uthi bafunde lukhulu ngesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates.

IPirates ibhaxabule kabuhlungu iCrystal Lake ngo 6-0 emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Nokho lo mqeqeshi ubonakale ehleka ngemuva komdlalo futhi ebonakala ukuthi wesese.

“Sifunde lukhulu sibhekene neqembu elikhulu elivikela le ndebe (iNedbank Cup),” kusho uNyalunga.

“Ngiyaziqhenya ngalaba bafana. Bebedinga ukuthi ngibakhuthaze ngesikhathi sekhefu (sesilandela emuva ngo 4-0).

“Ngibatshelile ukuthi amagoli washo lutho, bona kumele baveze ikhono labo emdlalweni.

“Bakwenzile lokho futhi ubonile ukuthi ngesiwombe sokuqala asizange silikhahlelele ipali.

“Ngesesibili silitholile ithuba, lo mfana omncane ona-17 wabhekana nonozinti. Ngeneme ngalokho.”

Igoli lokuqala lingene ngomzuzu wesine lishaywa ngu-Olisa Ndah. 

Ibuyile futhi iPirates yashaya igoli lesibili ngomzuzu wesishiyagalombili nokube yiphenathi ebekwe phakathi uTapelo Xoki.

Kuvele kwacaca ukuthi iBucs izozigwazela ibhece, iLake icacazela kakhulu emuva.

URelebohile Mofokeng ushaye igoli lesithathu leZimnyama ngomzuzu ka-11, kwathi uPatrick Maswangayi washaya elesine ngoka-33.

Unozinti weCrystal Lake, u-Excellent Mkhonto, ubonile asenele amagoli amane wacela ukuphuma zingakayi ngisho ekhefini.

Indawo yakhe ithathwe uBusani Mabunda okhombise ukuba ngcono, ikakhulukazi emoyeni.

Nokho naye ulidedelile igoli ngomzuzu ka-51 nelingqofelwe phakathi uXoki kwaba ngu 5-0.

Ngaleso sikhathi unozinti wePirates, uSipho Chaine ubeziphumulele nje kungathi usebhishi.

Isipikili sokugcina sishayelwe uTshegofatso Mabasa ngomzuzu ka-79.

Lo mgadli ungene endaweni ka-Evidence  Makgopa ngesiwombe sesibili.

ICrystal Lake idlala kwiSafa Ehlanzini Regional League.