USchloss ubhoboka ngesifiso sokubuya kweWits kwiPSL
Usolwazi uRonnie Schloss usenesifiso sokubona iWits University FC ibuyela kwiDStv Premiership ukuqhuba umlando wayo omuhle ebholeni lakuleli.
Leli qembu ladayisa isitifiketi salo sokudlala ezigabeni ezikhokhelayo kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila kaMasala Mulaudzi ngo-2020.
Ngaleso sikhathi beyisibizwa ngeBidvest Wits. Ingelinye lamaqembu amadala kuleli njengoba yasungulwa ngo-1921.
Njengamanje leli qembu selidlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng futhi linezinhlelo zokubuyela ezigabeni ezikhokhelayo.
USchloss uveze lesi sifiso sakhe ngesikhathi ehlonishwa ngokuqanjwa kwendawo yokuhlala eWits Football Stadium ngegama lakhe.
“Lokhu kimi yinto engingasoze ngayilibala,” kusho uSchloss owake waba ngumengameli weWits.
“Ngisazoba khona lapha ngoba ngisafuna siphinde sibe neqembu elidlala ezigabeni zePSL.
“Kumele sibe nemicabango emihle. Kumele sibe nelinye iqembu ngoba leli esasinalo lalingelinye lathandwayo uma ubheka indlela okwakubhalwa ngayo ngalo.
“Sasinabadlali abaningi abaphuma ezinkulisa zeqembu abafana no-Eric Tinkler abagcina bedlala phesheya.
“UGary Bailey waphuma lapha enkulisa yethu. UBailey wayengumfundi ophambili kwezobinjiniyela futhi wagcina edlala kwiManchester United e-England,” kwengeza uSchloss.
FUNDA NALA: U-Erasmus wethemba uMakgopa ukuthi engabanqobela idabhi
Kwabanye abadlali abaphume kwiWits eminyakeni edlule singabala oBailey, Mike Ntombela, Mike Mangena, Zane Moosa, Bradley Carnell, Eric Tinkler, Josta Dladla noStanton Fredericks.