EzakamuvaIbhola

Sekumbhimbele umdlali kwiBucs, abaphathi sebegeze izandla

Uzovakasha ekhaya, bese abaphathi bamtshele ukuthi angabe esazihlupha ngokubuya omunye wabagadli be-Orlando Pirates.

Kubikwa ukuthi abaphathi beqembu babona kuwukumosha isikhathi sakhe lo mgadli, ngokunjalo neseqembu ukuqhubeka naye.

Ngokubika kwePhakaaathi, uSuaibou Marou uzokhululwa kuleli qembu ngoJanuwari ukuze ayozama kwenye indawo.

Lo mgadli waseCameroon ufike kuleli ebhekwe ngabomvu kwazise ubeshisa izikhotha ngakubo, nenethi eyibhakuzisa umathanda. 

Ufike kwiPirates kade ebuya eNdebeni yoMhlaba ebiseQatar ehambe ne-Indomitable Lions yize engadlalanga nakanye khona.

Kodwa kumanje akanathuba lokungena eqenjini leCameroon elizodlala kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngoJanuwari. 

“UMarou uyahamba, lokho akungatshazwa. Udonsa kanzima, akumhambeli kahle ngisho ejimini,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Unikiwe ithuba lokuveza ukuthi uphetheni, kodwa hhayi akumlungeli nhlobo. 

“Ngawabuka amavidiyo akhe engakafiki lapha futhi sonke sasizitshela ukuthi sihlabene, uzofika kucace ukuthi sithole inkunzi,” kuqhuba lo mthombo.

Uthe kodwa manje abaphathi sebebonile ukuthi ngathi baphambuka ngokumlanda, yingakho sebecabanga ukumkhulula nje.

“Isikhathi sakhe sesiphelili, angifuni ukukukhohlisa. Kodwa ke engahlala uma umqeqeshi (uJose Riveiro) engathi usamdinga.

“Kodwa ngasohlangothini lwabaphathi, abasasiboni isidingo sokumgcina eqenjini.” 

UMarou ubanga indawo nabagadli asebekukhombisile ubukhali babo kwiPirates okuyinto eyengeza isisindo kuye.

Uyibanga noZakhele Lepasa, Evidence Makgopa noKermit Erasmus indawo njengoba uRiveiro ekholelwa ekusebenziseni umgadli oyedwa. 

Ngemuva kwalaba kusekhona nenye inkunzi yangakubo eCameroon, uBievenu Eva Nga naye osalinde ithuba lakhe. 

Kuvele nokuthi kungenzeka abolekiswe uma kuvela iqembu elithi lona lingamthatha, limnike elinye ithuba lokuvelela eNingizimu Afrika.