EzakamuvaiDStv Premiership

URiveiro uveza ukubaluleka kukaMabasa, uncoma neSwallows

UTsegofatso Mabasa uphinde waqeda isizini engumgadli ohamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership ngamagoli angu-16. 

Lo mgadli uqale isizini ebolekiswe kwiMoroka Swallows kodwa wabuyela kwiBucs kulandela ukubheduka kwezinkinga kuleli qembu. 

Usuke kwiSwallows esevele eshaye amagoli ayisithupha, wafika kwiPirates washaya ayishumi emidlalweni engu-13 yeligi. 

Manje uJose Riveiro, usencome iSwallows ngefomu yakhe, waveza nokuthi yini ehlukile afike nayo eqenjini lakhe.

“Ngicabanga ukuthi ubaluleke ukwedlula amagoli awashayayo,” kusho uRiveiro.

“Unesigqi eqenjini, uhlezi esiza ngaso sonke isikhathi kuqhubeka umdlalo – esiza ukuvala emuva, ukuhlasela noma kushaya amabhola abekwe phansi.

“Ube ngumdlali obebaluleke kakhulu eqenjini emzuliswaneni wesibili wesizini…

“Ubehlezi ephakamisa isandla ukuqokelwa eqenjini eliqala imidlalo, futhi manje usevuma izithelo zokuzinikela akufaka kwiSwallows emzuliswaneni wokuqala wesizini. 

“Ngakho lena kube yisizini enhle kakhulu kuye, sengethemba ukuthi uzokwazi ukuqhubeka ngale ndlela kwiPirates.” 

URiveiro uphinde wancoma noMakhehleni Makhaula, ethi ube nomthelela omuhle eqenjini naye kule sizini. 

Lo mdlali oke waba ngukaputeni waMaZulu FC, udlale imidlalo engu-18 yeligi kule sizini. 

“Unendawo ebalulekile okumele ayidlale. Wonke umuntu uyambona ukuthi usekhule waze wangena egiyeni akulo…” 

“Mhlawumbe ubebukeka engumdlali wasesiswini omakayo phambilini, kodwa manje usezama ukuba ngumdlali ophelele futhi usisiza kakhulu noma sesilahlekelwe yibhola ukuvala izikhala.

“Futhi uungumdllali oneqiniso, ozinikelayo futhi ubaluleke kabi eqenjini – ungomunye wabadlali bethu asebekhulile.

“Futhi uma uMakhaula edlala kahle, kuvamise ukuba yinkomba yokuthi iqembu lenza kahle. Naye uyakudinga ukubalulwa.”