EzakamuvaISafa

Ngabe usebanjwe lapho emncane khona uDanny Jordan weSafa?

SIHLE NGUBO 

UDanny Jordan, ongumengameli weSouth African Football Association (Safa), uyinunu engafi futhi sekube nezinsolo kaningi zokuthi buningi ubushompeshompe abenzayo kule nhlangano yebhola yaseNingizimu Afrika.

Luze lwafika usuku olumhlanganisa nokuyobingelela enkantolo uJordan, kulandela ukuboshwa nabanye ababili ngoLwesithathu ekuseni.

UJordan uvele kafushane enkantolo 

iSpecialised Commercial Crime ePalm Ridge, eGoli, nabanye ababili okuyi-chief financial officer, uGronie Hluyo nosomabhizinisi uTrevor Neethling, owayeyintatheli. 

Laba bathweswe amacala okukhwabanisa nokweba, athinta isamba esilinganiselwa ku-R1.3 million. Kuleli cala kukhona ofakazi abangu-19 kanti kulindeleke ukuthi abanye babo kube abantu abake basebenza kwiSafa.

Lo mengameli weSafa nalaba ababili baphume ngebheyili ka-R20 000 emunye. Icala labo lihlehliselwe uDisemba 5 nonyaka.

UJordan uyalelwe yinkantolo ukuthi angalokothi athathe uhambo olumkhiphela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika njengoba kusazoqhubeka leli cala.

NgoMashi nonyaka amaHawks agasele ezindlini zeSafa eyopequlula. Kwavela ukuthi ayenikwe imvume yokuyobheka ngawo lo mkhonyovu othinta u-R1.3 million.

Kunezinsolo zokuthi iningi imali eyizigidi esetshenziswe uJordan ngokungemthetho selokhu akhethwa njengomengameli weSafa ngo-2013.

Kuke kwavela izinsolo ezinzima zibhekiswe kuJordan, zecala lokudlwengula owayeyilungu le-ANC ephalamende uJennifer Ferguson ngo-2017. Lesi sigameko kwavela ukuthi senzeka eminyakeni engu-24 edlule.

Kusolakala ukuthi kwaqashwa inkampani ethile ukuthi izobhekana ngqo nale nkinga ukuze kugezeke igama likaJordan emphakathini. Kukho konke lokho kuthiwa bekusetshenziswa imali yeSafa ngokungemthetho.

Ngesikhathi eshiya iSafa ngo-2018 owayeyisikhulu esiphezulu, uDennis Mumble, waveza ukuthi kuningi okungalungile okwenzeka kule nhlangano, futhi uma kuqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo izozithola isezinkingeni okungeke kube lula ukuphuma kuzoba.

Kukho konke lokhu iSafa ilokhu imile ekutheni akukho okungafanele okwenzekayo ngaphakathi emahhovisi ayo.