EzakamuvaIbhola

Usubacikile kwiBafana umacashelana odlalwa uNjabulo Blom 

Umdlali weBafana Bafana, uNjabulo Blom udlale umacashelana nabaqeqeshi baleli qembu, bavele bacasuka bamshiya ngaphandle. 

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uqoke iqembu azodlala ngalo imdilalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba kule nyanga. 

UNjabulo Blom weSt Louis City edlala kwi-Major League e-United States, ucike uBroos ngale ndlela yokuthi kungenzeka angaphinde abizwe. 

Ngokusho kwalo mqeqeshi, uBlom uzitshele ngabo uma bembiza, ebika ukulimala okungekho. 

Bese kungokwesibili ke uBlom evika ngokulimala okungekho uma kumele abuye eze kwiBafana. 

Naphambilini kwakwenza, kodwa wabuye waxolisa uBroos wamxolela wambuyisela eqenjini. 

“Uma ngiqoka umdlali into yokuqala ebalulekile wukuthi abe sezingeni,” usho kanje uBroos ngoLwesihlanu. 

“Kodwa okwesibili okubalulekile wukuthi ube semqondweni ofanele nokuzimisela. 

“UNjabulo Blom usithumelele umlayezo ngoMsombuluko ethi ngeke akwazi ukuza ngoba ulimele ehlombe. 

“Kuyinto ejwayelekile ke esimweni esinjalo ukuthi ucele umbiko wodokotela, ngakho nathi senze njalo. 

“Ezinsukwini ezimbili ukusuka lapho, engakawuthumeli lowo mbiko wodokotela, uNjabulo usithumelele umlayezo wokuthi usezokwazi ukudlala. 

“Ngiyaxolisa kodwa akukhona okokuqala. Akuyona indlela esiyifunayo le kumdlali.” 

UBroos uthe abadlali bahlale bekhuluma ngokuthi bafuna ukudlala eqenjini lesizwe ngakho lokho kumele bakukhombise nangezenzo.

“Uhlale uzwa abadlali uma bekhuluma bethi bafuna ukudlala eqenjini lesizwe, kulele kubona ke ukukhombisa lokho. 

FUNDA NALA: Ubeke iso kwikusasa uBroos eqoka iBafana 

“Uma engakukhombisi lokho ngeke ngimbize. Yingakho naye (uBlom) ngingambizanga nje.”

IBafana izobhekana neBenin ekhaya ngoNovemba 18, bese idulela eRwanda ngoNovemba 21.