Ubeke iso kwikusasa uBroos eqoka iBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthe fa fa isinongo ngesikhathi eqoka iqembu labadlali abangu-23 azodlala ngalo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Kunabadlali abathathu abasha eqenjini abazobe bedlala okokuqala uma benikwa ithuba kule midlalo ezayo.
IBafana izoqala ngeBenin ekhaya eMoses Mabhida Stadium ngoNovemba 18, bese iye ekuhambeni kwiRwanda ezinsukwini ezintathu ukusuka lapho.
OBradley Cross weGolden Arrows, uJayden Adams weStellenbosch FC no-Oswin Appollis wePolokwane City bangene okokuqala kwiBafana.
Bobathathu basebancane njengoba beneminyaka engu-22 okusho ukuthi iso likaBroos libheke nekusasa.
Ngesikhathi bengena eqenjini labangu-44 abezohluza kubo uBroos, bekungalindelekile ukuthi badlule.
“Ngikwazi ukuqoka abadlali abangu-23 kuphela, anginankinga nalokho, kodwa kwesinye isikhathi akubi lula,” kusho uBroos.
“Sibheke nekusasa. Uma sinethuba lokuthatha abadlali abasebancane ngoba kukhona ongekho, isibonelo nje njengo-Aubass, sizothatha omunye.”
U-Aubass weMamelodi Sundowns no-Innocent Maela noPaseka Mako be-Orlando Pirates balimele.
Ezindaweni zabo uBroos ufake u-Adams noCross. U-Appolis yena uthathe ekaLyle Foster ohlaselwe wukugula okumphoqe ukuba athathe ikhefu ebholeni.
“UJayden (Adams) ukufanelwe ukuba lana, mhalwumbe ngemuva kwale khempu sizobona ngenye undlela.
“Senza okufanayo nango-Aubass ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.”
Umgadli wePirates u-Evidence Makgopa yena akangenanga eqenjini lokugcina.
Ubekade efakiwe kwelabangu-44 kulandela ukuthi elithola ijezi kwiPirates muva nje.
Kodwa uBroos uqoke ukuqhubeka noZakhele Lepasa osanda kwelulama nosangena umdlalo usuphakathi kwiBucs.
Onozinti
Ronwen Williams, Veli Mothwa, Ricardo Goss
Izitobha
Nyiko Mobbie, Bradley Cross, Grant Kekana, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Siyanda Xulu, Mothobi Mvala, Khuliso Mudau.
Abasesiswini
Teboho Mokoena, Sibongiseni Mthethwa, Jayden Adams, Sphelelo Sithole.
FUNDA NALA: Seligcine ligqabukile igoda kuPitso ne-Al Wahda
Abagadli
Themba Zwane, Zakhele Lepasa, Lebo Mothiba, Percy Tau, Oswin Appolis, Mihlali Mayambela, Thapelo Maseko, Bongokuhle Hlongwane.