EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin ucacisa ekaMhango

Sbongs Gumbi

UGabadinho Mhango kubikwe ukuthi ungomunye wabadlali abazokhonja isango kuMaZulu FC, kanti umqeqeshi omusha uPablo Martin uthi kusengenzeka noma yini.

UPablo Martin, oteketiswa ngelikaCijimpi, uyichithile imibiko yokuthi uMhango usevele ukhonjwe indlela kuleli qembu.

Lo mgadli odabuka eMalawi, kuke kwavela ukuthi ubengomunye wabadlali abebengaziphethe ngendlela efanele ngesizini edlule.

“Cha, angazi lutho ngalokho okushoyo,” kusho uPablo Martin ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uMhango usechithiwe yini kuleli qembu leDStv Premiership elizinze eThekwini.

“UGabadinho uzilolonga nathi. Udlalile imizuzu embalwa emdlalweni wokugcina kwiKZN Premier’s Cup (ngempelasonto).

“Futhi manje sesibheka ukuthi yibaphi abadlali esinabo nokuthi siyabadinga yini, asikwenzi kuye yedwa lokho futhi sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kwenzekani.

“Sizobona ukuthi uzoba yini yingxenye yeqembu noma uzoyithola indlela yokuhamba aye kwenye indawo.

“Kunezingxenye ezintathu ezahlukene kulento: kukhona ikilabhu, umdlali bese kuba nethimba labaqeqeshi.

“Ukusuka lapho sidinga ukuyothola izixazululo esenelisa zontathu lesi zingxenye,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain.

Ebuzwa ukuthi yena njengomqeqeshi uthini ngoMhango, ngabe uchazekile ngaye, uvele wacasha ngesithupha.

“Ngicabanga ukuthi njengamanje, bonke abadlali basesemuva ngokwezinga (engilidingayo). Ngilindele ukuthi bonke badlale kangcono kakhulu,” kuchaza uPablo Martin.

Uphinde waveza ukuthi usabheke ukuqinisa iqembu lakhe ikakhulukazi phambili lapho ebona sengathi alibukhali ngokwanele.

Ukhale kakhulu ngokuhlulwa amathuba alula emidlalweni yabo yeKZN Premier’s Cup yize begcine beyinqobile le ndebee.

“Sidinga abadlali abaningi ezindaweni ezehlukene eqenjini, futhi sesike sakhuluma nabaphathi ngalokho,” kusho uMartin.

“Akulula ukuthola abadlali esibadingayo ngoba uma ubheka izinga lalabo badlali kungenzeka banezinye izesheli. 

FUNDA NALA: UMolefi Ntseki akakugqizi qalakala ukungatshazwa kwiChiefs

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi awukwazi ukukhokha imali yokubathenga. Kodwa sinethemba lokuthi sizobathola ngokushesha ngoba sizobadinga uma sifuna ukufeza izinhloso zethu.”