EzakamuvaIbhola

Seligcine ligqabukile igoda kuPitso ne-Al Wahda

Uphelile umsebenzi kuPitso Mosimane eqenjini lase-United Arab Emirates, i-Al Wahda kulandela ukungahambi kahle kwezinto. 

Leli qembu belilande lomqeqeshi ngoba libheke impumelelo kwazise unomlando omuhle wokufike agile izimanga lapho eqeqesha khona. 

Nokho kulokhu kufike kwasinda kuMosimane kanti naleli qembu ngeke libe nesineke sokumbekezelela ukuthi alakhe ngendlela yakhe iqembu. 

Leli qembu likhiphe isitatimende ngoLwesihlanu imemezela ukuthi lo mqeqeshi uyahamba ngokuvumelana kwezinhlangothi zombili.

“I-Al-Wahda iyayinqamula inkontileka kaPitso Mosimane ngokuvumelana naye,” sifundeka kanje lesi sitatimende. 

“I-Al Wahda Football Club Company imemezela ukuthi seyifike esivumelwaneni nomqeqeshi waseNingizimu Afrika uPitso Mosimane ngokunqamula inkontileka ngokuvumelana kwezinhlangothi zombili.”

Inqanyulwa nje inkontileka kaPitso leli qembu selibvele linaye umqeqeshi elicuphise ngaye. 

Liqashe u-Arno Buitenwag waseNetherlands obekade esenkulisa yaleli qembu kusukela ngoJulayi. Ufike ngesikhathi esifanayo noPitso kuleli qembu. 

FUNDA NALA: UBilliat ubambise elimeshelayo udonga, ‘usayocabanga’

“Abaphathi be-Al Wahda Football Club Company banqume ukuqasha u-Arno Buitenweg njengomqeqeshi ozoqhubeka nomsebenzi. Simfisela impumelelo.”