UMamaJoy usha amashushu ngesoka laseFrance
ALFRED NGUBANE
Umlandeli wokuqina weRoyal AM namaqembu esizwe akuleli, uJoyce ‘uMamaJoy’ Chauke akabuyanga neNdebe yoMhlaba kuphela eFrance.
Le ntokazi ephilela ezemidlalo ifike yathola nesoka kanti uthi uthando lwabo luvutha amalangabi.
UMamaJoy ubengomunye wabalandeli abebeyokweseka iqembu lesiswe yerabhi, AmaBhokobhoko eFrance.
Uthi leli soka lakhe bahlangana kweminye yemidlalo, kwaba wukuqondana kwamehlo nje zakhala.
Ekhuluma neMpempe ngoMsombuluko emini, uthe usezojwayela impela eFrance njengoba kumele ayobona leli soka lakhe.
Uthe ngeke yena enze okuvamise emantombazaneni ukuthi uma efakelwe imali yokuza bese eyidla.
“Kwakuhle kwethu,” uqale kanje uma ebuzwa ngalolu thando lwakhe olusha.
“Sijabule kakhulu futhi uthando lwethu luyavutha. Sangana khona eFrance.
“Sahlangana emdlalweni la besiyizimbangi khona njengoba AmaBhokobhoko abedlala nelakubo iFrance.
“Sabuye sabonana futhi ungiphethe kahle ngoba noma sengizobuya wangithengela inqwaba yezipho
“Angifihli lutho ngoba ngiyamthanda, naye uyangithanda yingakho nginqume nokumfaka ezinkundleni zokuxhumana nje.”
Akakufihlanga ke nokuthi sebeke bazithokozisa njengezithandani. Esithombeni asifake kwi-X ngoMsombuluko, kuyavela ukuthi basembhedeni.
Uthe basazovakashelana ngoba nalo isoka lithe lisafuna ukufika kuleli lizobona kahle ekhweni.
“Namanje siyafonelana nje futhi asipheli isikhathi esitheni singafonelananga,” kuchaza yena.
Usihlalo weMoroka Swallows, uDavid Mogashoa ngomunye wabantu abaphendule le ntokazi beyibongela ngokufike ithole uthando phesheya.
UMogashoa uze waqamba leli soka ukuthi lizobizwa ngoPapaJoy njengoba sekunguslali wezwe.
FUNDA NALA: UZwane ulolekile bewina i-AFL, ufuna iChamps League ne-Afcon
“Oooh MamaJoy. Ngiyanibongela ninoPapaJoy. Ngibonile okukufakile ngaleliya langa… Kuhle,” kubhala uMogashoa.