Akeneme uJose Riveiro ngePirates ezithele ngabandayo
Ilahle ithuba elihle lokunyukela endaweni yesibili i-Orlando Pirates futhi umqeqeshi, uJose Riveiro akeneme neze ngalokho.
UJose Riveiro ukhale ngokuthi iqembu lakhe aliyikhombisanga intshisekelo asuke eyilindele uma lisenkundleni ngesikhathi lishaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 ngempelasonto.
Ngesikhathi iPirates ithola induku kwiGalaxy, neqembu esembangweni wendawo yesibili nalo, iStellenbosch FC lithole induku kwiMamelodi Sundowns.
Ukushaywa kweStellies bekuvulela iBucs ithuba lokuyeqa, kodwa nayo yazidlalela indavundavu nje, yagcina ikeqekile kwiGalaxy.
“Ngicabanga ukuthi asenzanga okwanele ukuthola umphumela ongcono,” kusho uJose Riveiro ngemuva komdlalol
“Besingawuthola nje phela umphumela omuhle ngoba siwatholile amathuba amahle kodwa ngokokudlala, asidlalanga ngendlela efanele.
“Sivumele imbangi ukuthi idlale ngendlela evumela yona ngokwezinga lamandla ayo.
“Nendlela nje ebesenza ngayo beyingeyinhle. Uma ubheka umdlalo wonke, ngicabanga ukuthi yiGalaxy ebilwela okuthile.
“Akumele ujike indlela yokwenza ngoba sewlandela ngemuva, kumele wenze kahle futhi uzimisele sengathi uyahlulwa umdlalo uqala.
“Ngiyakwamukela ukwehlulwa, kodwa hhayi uma kwenzeka ngoba iqembu obhekene nalo lilwa kangcono kunelakho.
“Akumele kungabazeke ukuzinikela kwabadlali, kodwa namuhla ngicabanga ukuthi inkinga kube yileyo.”
IPirates isenalo ithuba lokuqeda endaweni yesibili kodwa selincike ekutheni iStellies iphinde ilahle amaphuzu emdlalweni wokugcina.
IStellies izovala ekuhambeni neRichards Bay esalwela ukuvika ukuya emidlalweni yokuhlunga.
FUNDA NALA: Akuhambanga kahle kwiMaritzburg yize inqobile
EzikaJose Riveiro zona zizovala zisekhaya zibhekene neSuperSport United evamise ukuzithwalisa kanzima. Lo mdlalo use-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.