Sekunelinye iqembu elifuna ukuhlola uMofokeng weBucs
Akukapheli nenyanga uRelebohile Mofokeng ebuyile e-England la abehlolw akhona yiWolverhampton Wanderers, kodwa sekuvela ukuthi uzobuyela maduze.
Kuvela ukuthi kuneqembu laseSpain eselicele ukuba nalo like lizombonela eduze lo mdlali onekhono elibabazekayo.
UMofokeng, ngokwemibiko, wachaza amaqembu amaningi aphesheya ngesikhathi esekhempini yokulungiselela isizini ne-Orlando Pirates ngoJuni.
Bekungakaveli ke ukuthi uRelebohile Mofokeng uhambe kanjani kwiWolves njengoab sekunelinye iqembu elimfunayo nje.
Kulokhu, ngokubika kwePhakaaathi, lo mdlali oneminyaka engu-19 ufunwa iqembu laseSpain iLevante.
“URelebohile Mofokeng unekhono elihle, ungomunye wabaphambili abaphume enkulisa yePirates,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Angazi kwenzakaleni kwiWolves, kodwa engingakutshela khona wukuthi usethole esinye isimemo sokuyohlolwa eSpain yiLevante.
“Yinto enkulu lena kuye, futhi ngimjabulele kakhulu ngoba uyazikhandla.
“Yinto akade ayeyifisa lena futhi ngiyamfisela ukuthi lifezeke iphupho lakhe,” kusho lo mthombo.
Uthe iPirates ngeke imnqabele yize ukuhamba kwakhe kuziphazamisa izinhlelo zayo.
UMofokeng ungomunye wabadlali ababonakala ebathembe kakhulu umqeqeshi uJose Riveiro kule sizini.
Ukulokhu eshiya kwakhe ahambe aye phesheya, akungabazeki ukuthi kuyaziphazamisa izinhlelo zalo mqeqeshi.
“Wonke umuntu eqenjini umjabulele ngalokhu kukhula okubonakala kwenzeka kuye futhi bafuna ukumbona ephumelela.
FUNDA NALA: Liyakhula isasasa ngeSummer Cup yaseMakhuzeni
“Ngakho sonke sinethemba lokuthi kuzomhambela kahle.”